USUTHEMBISE ukuthi uzosebenzisana nebandla labaPhostoli eligubuzelwe yifu elimnyama uMnyango wezokuThutha KwaZulu Natal.
Lokhu kulandela ukuthi abazalwane baleli bandla abangu-9 bedlule emhlabeni engozini enyantisa igazi eyenzeke emgwaqweni uN2 phakathi kwaseMandeni naKwaDukuza enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Amalungu aleli bandla kuvela ukuthi abehamba ngebhasi eligingqikile. Abephuma enkonzweni enkulu yaleli bandla ebiseClermont entshonalanga yeTheku ngeSonto futhi ebihanjelwe nayilowo owayegumengameli wezwe, uJacob Zuma.
Esitatimendeni esikhishwe umnyango uthembise ukuthi uzoxhumana uphinde usebenzisane kakhulu nebandla labaPhostoli kulesi sikhathi esinzima ibandla elibhekene naso.
Umnyango uphinde wathembisa ukuthi uzoxhumana nemindeni ethintekayo kulesi sehlakalo.
''Sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abadlule emhlabeni banikezwa umngcwabo obafanele nosezingeni eliphezulu,'' kusho isitatimende.
Siqhuba sithe uMnyango ukhulekela ukuthi uNkulunkulu abe nabo abadlulile abageze amanxeba abasele abaduduze.
OnguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma izolo bekulindeleke ukuthi ahambele kule ndawo.
Izinhlaka ezahlukene ezibandakanya ababhekele isiminyaminya sasemgwaqweni, ababhekele ezomlilo nezimo eziphuthumayo eMandeni basebenze ngokuzikhandla endaweni yesigameko.
Ngokusho koMnyango wezokuThutha uyakuqonda ukuthi lesi yisimo esinzima kakhulu ebandleni labaPhostoli KwaZulu-Natal kanjalo naseNingizimu Afrika yonkana.