KUGQAME intukuthelo emphakathini waseMlaza, eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ngesikhathi kungena abasolwa ababili, ababhekene necala lokubulala ngesihluku umfundi waseDurban Girls Secondary.
Kube ukubabona nje abasolwa, oMnuz Sifundo Bhengu (39) ongummangalelwa wokuqala noMnuz Bongani Jali (25) ongummangalelwa wesibili, bengena belandelana ebhokisini labasolwa, kwaqhuma inqwaba yo-nxa emabhentshini abegcwele phama umphakathi.
Isidumbu sikaWandile Ngcobo (17), owayengumfundi ka-Grade 11 eDurban Girls Secondary, satholakala kubo eMlaza, ngoMeyi, nyakenye.
Sasiboshwe izandla ngemumva nge-pentihose, kwathi enye yashuthekwa emlonyeni. Sasinamanxeba amahlanu okugwazwa, kusolwa nokuthi wadlwengulwa.
Okwavela ngaleso sikhathi ukuthi umufi wayengabhali izivivinyo ngosuku lwesehlo, esele yedwa kubo. Esebulewe, kuthiwa kwebiwa i-TV, i-DStv decoder, i-remote neselula kamufi.
Yiyona iselula abaphenyi okuthiwa bayithola kuJali eMalukazi, kwagcina kuboshwa nommangalelwa wokuqala uMnuz Sfundo Bhengu (39) owayengumakhelwane kamufi, owayesebhace KwaShembe, eClermont.
Kwaqale kwasolwa umfowabo kamufi ozalwa uyise komunye umama, kwaphinde kwasolwa noyise kamufi, amaphoyisa amphonsa ngemibuzo, kwadingeka aveze ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi wayengekho kwakhe ngesikhathi kwehla isigameko.
Ijaji, uNkk Jacqueline Henriques, lilihlehlisele uFebhuwari 13, leli cala lapho lizoqala ukuqulwa khona.
Khonamanjalo: Lihlehliselwe usuku olufanayo ukuze liqale liqulwe nelibhekene nabangani ababili, uMnuz Lungani Mthethwa noMnuz Sandile Chili, abasolwa ngokubulala abangani eKenville, ngo-Agasti, nyakenye.
Izidumbu zoNksz Anele Mbokazi (29) noNksz Zizipho Gabisa (30) zatholwa zidindilize emgwaqweni kule ndawo, maqede kwaboshwa abasolwa, betholwa neselula kaNksz Mbokazi.
UChili osephenduke ufakazi woMbuso, kwahoxiswa namacala akhe, okwenzeke esevele engaphandle ngebheyili ka-R5 000, kanti uMthethwa yena usengaphakathi njengoba wasilaxaza isicelo sebheyili esasanda kuboshwa, wathi noma esesizama ngasekuqaleni kwale nyaka, inkantolo yasichitha.
Elinye icala elibuye lahlehlela uJanuwari 30 ukuze liqale ukuqulwa elikaMnuz Sphamandla Khumalo (37) waKwaMina KwaNongoma, osolwa ngokugwaza, abulale unina wezingane zakhe, uNksz Nomfundo Msibi (30) enxanxatheleni yezitolo iGateway ngo-Agasti nyakenye.
Emva kokwenzeka kwesigameko esenzeka kubuka wonke umuntu, saphinde saqoshwa ngisho nangamakhamera, kwavela ukuthi umsolwa udobe umufi nge-laybye.
Kuthiwa wamyalela ukuthi eze ezitolo ukuzomkhiphela i-laybye yakhe ababeyenze ezinyangeni ezintathu ezingaphambili, besathandana. Umsolwa wathembisa ukuthi uzothumela umfowabo ukuthi kube wuye ozohlangana nomufi, nokwagcina kuvela ukuthi ubemcuphele umgoga njengoba kwagcina kufika naye umsolwa, wamgwaza, wambulala.