Inkinga yamanzi eGoli iphazamise ukulalelwa kwamacala eNkantolo yoMthethosisekelo kusuka kuqala uNovemba 1.
Lokhu kuvezwe yiHhovisi leNhloko yamaJaji elithe kusuka kuqale uNovemba abakwazi ukulalela bukhoma amacala ngenxa yenkinga yokuphakelwa kwamanzi enkantolo.
“Imbangela yalokhu kuhlupha kokuphakelwa kwamanzi ayaziwa yize kubukeka sengathi iyinkinga eseHillbrow lapho inkantolo ikhona. Kutholwe nokuthi kunamanzi avuzayo enkantolo nokuphinde kuthikameze ukuphakelwa kwamanzi,” kusho ihhovisi leNhloko yamaJaji.
Lithe u-plumber othunyelwe wuMnyango wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda noMnyango wezobuLungiswa ngokuThuthukiswa koMthethosisekelo ukulungisile ukuvuza.
“Yize inkantolo inethangi lasezindlini zangasese kodwa lokho kwanele usuku olulodwa kanti uMasipala waseGoli awukwazi ukuligcwalisa ngokushesha nsukuzonke ukuze inkantolo isebenze ngaphandle kokuphazamiseka. Ngenxa yalokhu, inkantolo ayikwazi ukulalela amacala bukhoma.”
Ihhovisi lithe ubuholi benkantolo buhlale buxhumana nomasipala nabeRand Water mayelana nenkinga yamanzi eHillbrow.