Usomabhizinisi onohlelo lokucija abafana ukuze babe ngamadoda aqotho iBoys 2 Men Programme SA, uMnuz Nick Nzama, uthi kumjabulisile ukuphumelela kwendodana yize idonsa isigwebo secala lokubulala.
USandile Philani Makhanya (27), oyindodana kaNzama uthole uphase izifundo ezine ngamalengiso ezivivinyweni zika-matric ka-2023. Udonsa isigwebo seminyaka ewu-25 ejele iWestville, ngokubulala owesifazane owayenguthisha wakhe owayeneminyaka ewu-67, okwavela ukuthi wayethandana naye. Uthole o-distinction abane kwisiZulu, business studies, tourism nelife orientation.
UNzama uthe kuyamthokozisa ukubona indodana yakhe iphasa ngamalengiso ngoba kukhomba ukuthi siyahlumeliswa isimilo.
“Nyakenye esazobhala, ubengithembise ukuthi nakanjani uzobathola o-distinction ababili. Ukuthola abane kusho ukuthi sekudlulele kakhulu kwayengithembise kona. Ngijabule kakhulu ngakwenzayo ngoba kuyakhomba ukuthi impilo yakhe uyayiqoqa. Ngibonga ijele iWestville, nothisha base-Usethubeni Youth Centre ngokuqinisekisa ukuthi ofundayo bamlekelele ukuthi aqhubeke nemfundo,” kusho uNzama.
Uthe uSandile ngabe kudala awuphothula umatric kodwa uke waphazamiseka wama ukufunda.
“Ngo-2019 wagula kanzima ekhona ejele. Saze sabizwa sahambisa umkhuleko wokugcina ngoba kwakubonakala ukuthi kungenzeka noma yini. Ngamandla kaNkulunkulu nokusukumela phezulu kwejele iWestville, yagcina ihlengekile impilo yakhe. Sekumele aqhubeke nesikole wangitshela ukuthi uzoqala phansi ayokwenza uGrade 10 ngoba usephazamisekile. Wathi ufuna ukuphasa kahle ngendlela afuna ngayo. Ngaba manqika ukuthi enze kanjalo kodwa wathi angisethembe isinqumo sakhe. Nonina yize singasathandani ngiyambonga ukuthi wakwazi ukupatanisa amkhulise,” usho kanje uyise wesiboshwa.
Ngokuqhubeka nemfundo, uNzama uthe uSandile usesifakile isicelo eNyuvesi iSouth Africa (Unisa). Wathi konke kwenziwa ngaphakathi ejele yena umlekelela ngezinto ezincane. Uthe ngenxa yokuthi uzophothula imfundo yakhe enomlando wokuboshwa, uzofundela iBusiness Studies e-Unisa ukuze angabi nenkinga yokuqashwa kodwa kube nguyena ovula amathuba omsebenzi.
UNzama uqhube wathi okunye okuthandwa nguSandile ukuba ngumbhali wezincwadi wathi yinto azoyenza ukuze asabalalise ulwazi futhi aluleke abanye abafana ukuthi bangangeni esikhisini angena kusona.
USandile unenqwaba yezitifiketi zokuziphatha kahle azithole ejele eWestville.