IGCINE ixazululiwe inkinga yamanzi ebese kuphele iminyaka eyisikhombisa ikhona e-Eastbourne Farm ngaphansi kukamasipala wesiFunda iMajuba.
Lokhu kuza ngemuva kokuba iBamba likaMeya kulo masipala, uMnuz Thembelihle Mthembu, livule umpompi wakule ndawo ngemuva kweminyaka eyisikhombisa kungaphumi ngisho iconsi kuwo.
Ngokwenza kanjalo uMthembu ubegcina isethembiso asenza ekupheleni kwenyanga eyedlule.
Amalungu omphakathi akule ndawo athe ncinci kamjoli ngokuxazululeka kwenkinga yamanzi.
Athe bese kuphele isikhathi eside kakhulu ebhekene nale ngwadla yokuhluphekela amanzi.
UNkk Mabaso, igama lakhe elingatholakalanga, wakhona e-Eastbourne Farm ukushayele elikhulu ihlombe leli okwenziwe yibamba lemeya.
"Bese kuphele isikhathi eside sibhekene nenkinga yamanzi kule ndawo. Sithanda ukudlulisa ukubonga okukhulu ngalolu sizo esilutholayo, lusho lukhulu," usho kanjena.
Ibamba lemeya lithe bayathokoza kakhulu ukuthi ekugcineni le nkinga sgcine ixazululiwe.
UMthembu uthe kuyamchaza ukubona abantu bakule ndawo bethokoziswe ukuvulwa kwamanzi.
"Kusithokozisile kakhulu ukuthi le nkinga isixazululiwe. Kuyasijabulisa nokubona abantu bethokoza kanjena ngenxa yamanzi," usho kanjena.
Uthe batholile ukuthi eminye imindeni yakule ndawo bese kuphele isikhathi eside kakhulu ibhekene nenkinga yokungabi nawo amanzi ahlanzekile.