IGAMA lendodakazi yomsunguli weNFP ongasekho, uZanele kaMagwaza-Msibi, uNksz Gugu Gumede, livela embangweni wokuhola iNFP.
Igama likaNksz Gumede, ongumlingisi owaziwayo, liphakanyiselwa kwesikamengameli weNFP.
Ezinkundleni zokuxhumana amalungu eNFP aseqalile ukuthumela imibhalo enobuso bukaNksz Gumede, ekhankasela ukuba angene ezicathulweni zikanina.
Eminye imibhalo enobuso bukaNksz Gumede inxenxa amalungu eNFP ukuba abhalisele ukuvota okhethweni lwangonyaka ozayo.
UNksz Gumede waziwa kakhulu ngokulingisa indawo kaMaMlambo emdlalweni Uzalo futhi uke walingisa nakwiGenerations.
I-NFP ilungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi okuhlelwa ukuthi ibe ngasekupheleni konyaka.
Njengamanje iNFP ayinabo ubuholi obusemthethweni njengoba lobo obakhethwa engqungqutheleni eyedlule bahlakazwa.
Kukhona amalungu eNFP akholelwa ekutheni uNksz Gumede angakwazi ukutakula le nhlangano ezinkingeni ebhekene nazo.
UNksz Gumede uthe kuyamjabulisa ukuthi kunamalungu eNFP akholelwa ekutheni angakwazi ukungena ezicathulweni zikaNkk kaMagwaza-Msibi kepha wathi alikho ilungu leNFP ebese limcelile ukuthi angenele umjaho wezikhundla.
“Ngiyaqala ukuyizwa le ndaba. Kuyangijabulisa ukuthi abantu beNFP bangibona ngifanelwe ukungena ezicathulweni ezinkulu kangaka.”
UNksz Gumede ukuqinisekisile ukuthi uyilungu leNFP eligcwele.
Kuphinde kuvele igama likaMnuz Irvin Barnes embangweni wokuhola iNFP.
UBarnes wayengumholi oqavile ophikweni lwentsha kwi-IFP, i-IFP Youth Brigade.
Ungomunye wabantu abahlubuka kanye noNkk kaMagwaza-Msibi ngesikhathi eyoqala iNFP.
Ngo-2017 uBarnes uke wahola ithimba lesikhashana elalihola iNFP emva kokuhlakazwa kobuholi bayo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBarnes ayizange iphumelele.
Umholi weNFP, ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe njengamanje iNFP idinga umholi ozosebenza ngokushesha ukulungisa izinkinga ezibhekene nenhlangano ngaphambi kokuthi kufike ukhetho lwangonyaka ozayo.
Njengamanje iNFP isenkingeni yezikweletu njengoba usomabhizinisi okweletwa yile nhlangano izigidi zamaRandi efuna ukuthi iNFP ihlakazwe ukuze akhokhelwe isikweletu sakhe.
I-NFP iphinde ibe nenkinga nenhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC).
I-IEC isanda kuphuca iNFP uxhaso ngenxa yokuthi ayiwalethi amabhuku ezimali.
“Uma lezi zinkinga zingasukunyelwa ngokushesha, iNFP ingase ingakwazi ukungenela ukhetho lwangonyaka ozayo. Isimo sithanda ukuba bucayi,” kusho lo mholi.