IKHATHAZEKILE i-ANC ngesenzo sikanobhala jikelele we-SACP uMnuz Solly Mapaila, sokuhlale egxeka le nhlangano nokuphuma iqhubu nomengameli Cyril Ramaphosa odabeni lokubambisana kwamaqembu kuhulumeni.
Le nhlangano ithe ayifuni ukutshela iSACP ukuthi kumele ikhulume kanjani nokuthi ithini, kodwa manje isimo sibonakala singahambi kahle.
Unobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthe sebebize umhlangano ophuthumayo ozoba phakathi kwabo ne-SACP.
Uthe bayayihlonipha i-SACP noMapaila, kodwa manje babona ukuthi uyanhlanhlatha.
“Ugxeka abaholi be-ANC aphume iqhubu noRamaphosa okuyinto esikhathazayo. Aseneme ngendlela uMapaila enza ngayo izinto mihla le, yokuthi ukhwela adilike kubaholi be-ANC, ikakhulu umengameli,” kusho uMbalula.
Selokhu i-ANC yehlelwa ukwesekwa okhethweni lwalo nyaka, yanquma ukubumba uhulumeni ohlanganisa amaqembu, i-SACP ayineme ngalesi sinyathelo.
Uhlale egxeka i-ANC lapho ekhuluma khona ngokuchitha lo hulumeni.
UMbalula uthe namanye amalungu e-ANC ayengeneme ngendaba yalo hulumeni kodwa manje aseyaqonda.
Useke wakusho phambilini ukuthi ukuba bawina ukhetho ngokugculisayo ngabe abawadingi amanye amaqembu ukuthi babambisane.
UMbalula ugxeke noNkk Helen Zille we-DA, ngokulokhu egxeka uRamaphosa efuna ukuhlakaza le nhlangano.
“Uma i-DA ifuna ukuphuma kuhulumeni, yamukelekile. Sizoqhubeka siyibambe, ngeke siyincenge i-DA, kusho uMbalula ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli izolo.
Uthe bayichitha i-DA eyayifuna kube yi-ANC nayo kuphela kuhulumeni.
“Sakuchitha lokhu sathi sifuna namanye amaqembu abe yingxenye kahulumeni. Asikhathazekile ngokwenziwa ongqongqoshe be-DA, abasemkhankasweni wabo wokuziveza ukuthi bayasebenza. Uma ongqongqoshe be-ANC belele, kumele sikhulume nabo. Uma abe-DA besebenza emehlweni abantu yinto enhle leyo ngoba abantu bafuna izidingo,” kusho uMbalula.
Mayelana nesimangalo esifakwe owayengumengameli wale nhlangano uMnuz Jacob Zuma, ofuna kuguqulwe isinqumo sokuxoshwa kwakhe kwi-ANC, uthe balinde isinqumo sekomiti ebelicubungula isinqumo sokumxosha.
“Ngokwethu uxoshiwe, kusami kanjalo mayelana noZuma. Silinde isinqumo sekomiti elibuyekeza isinqumo sokuxoshwa kwakhe,” kusho uMbalula.
Mayelana nomthetho wezikole okunomsindo ngawo iBela, uMbalula uthe uRamaphosa ubeke izinyanga ezintathu ukuthi kubhungwe ngezigatshana ezimbili, ezimiswe ukusebenza.
Uthe emashini ebihlelwe yizinhlangano ezehlukene ne-DA ebiyingxenye yayo ngalo mthetho, bekuphethwe namafulegi amadala ezwe.
“Kusaxoxwa mayelana nalezi zigatshana zomthetho kodwa kukhona abasabisayo ngamafulegi ezwe amadala. Siyaqhubeka nalo mthetho wezikole,” kusho uMbalula.