LIBABAZE umhobholo wemali iJaji uKalvin Gounden ngesikhathi ligweba udilikajele uNonhlanhla Mbhele (48) odume ngelikaMama Webhantshi, ngamacala okubulala izihlobo nabangani ayekade ebathathele imishwalense yokufa ebhange i-Capitec.
Ubekade evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, kanye nommangalelwa wokuqala uMthofi Msipha, abakha naye isikimu sokubulala abantu bese befaka izicelo zomshwalense.
UMsipha yena kuvela ukuthi iqhaza lakhe kwakungukuthola izinkabi, azikhokhele imali ebese ezinikeza imiyalelo yokuthi abazobulawa bazobulawa nini, kanjani futhi kuphi nendawo.
Phakathi kwabantu abagcine beba ngabagilwa balaba, kubalwa uNksz Susan Xolo ongudadewabo kaMama Webhantshi, uMnuz Thamsanqa Mthembu owayeyindodana yomngani wakhe omkhulu ayekade ekhonza naye ebandleni lama-Afrika eliseMlaza, noMnuz Thulani Cele owayengusibali wakhe.
UNksz Xolo wabulawa ngo-2019, kwathi uCele noMthembu bobabili babulawa ngo-2020. Kwavela ukuthi bonke ayebabulala uMama Webhantshi wayehlafuna imali engaphezulu kuka-R50 000 umuntu ngamunye.
Phambilini, enkantolo kwavela ukuthi bonke laba wayekade ebathathela imishwalense engazange abazise.
Kwathi uma umshwalense wase-Capitec sewuvuthwa uMama Webhantshi ahlanganise amakhanda noMsipha, bathunge itulo lokuba kubulawe lowo osegameni lakhe ngokushesha.
Kukhona idlozi labo elabagidela ngakubona, basinda imishwalense yabo isivuthiwe. Kubona kubalwa uNksz Nozipho Mdlalose, Nksz Nonkululeko Hadebe noNksz Sthembile Hadebe.
UMama Webhantshi noMsipha bagixatshezwe ngodilikajele ngamacala amathathu okubulala, namathathu okuthunga itulo lokubulala.
UMama Webhantshi uphinde wagixatshezwa ngeminyaka engu-15 ngamacala amathathu okukhwabanisela ibhange i-Capitec.
"Nibe nomhobholo oxakayo. Nikhombise ukuthi ningenza noma yini egameni lemali. Kinina imali iyikho konke ngaphezulu kwezinto zonke ezikhona emhlabeni. Ngenxa yaleso sizathu isigwebo sikadilikajele yisona esinifanele,'' kusho ijaji.
UGounden uthe kungumsebenzi wezinkantolo zaseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi bayasuswa emphakathini abantu abacabanga ngokubulala abantu ukuze bacebe.
"Kumele bafunde isifundo nabanye abacabanga ukubulala abanye abantu ukuze bacebe. Ngokugwetshwa kwenu mhlawumbe nizogcina ningabantu abangcono kunalabo enibonakala niyibo njengamanje.“
Ababulali bafike enkantolo beswenkile. UMama Webhantshi ubefake ingubo kanokusho enombala ogqamile eziphihle ngezibuko.
Ubebonakala engathukile ngesikhathi kuqhubeka icala. Babonakale bengathuki futhi nangesikhathi inkantolo ibagweba.
Yize laba ababili sekuphele iminyaka emine bebhadle ejele, uGounden uthe lokho kakusho lutho futhi angeke kumenze ukuthi ehlise isigwebo ebantwini abanonya futhi abangakaze bakhombise ukuzisola phambi kwenkantolo.
Kuvelile ukuthi phambilini, uMsipha wake wazama ukweqa ejele kodwa yaphantsha imizamo yakhe.
Enkantolo kufundwe isitatimende sikanina kaMama Webhantshi, uNkk Dorris Mbotho, owatshela inkantolo ukuthi akekho umuntu wasemhlabeni ongalungisa umntananke, nguNkulunkulu kuphela ongamenza aguquke abone ukukhanya namaphutha akhe awenzile emhlabeni.
Kufundwe nesikadadewabo, uNksz Khumbuzile Mbotho, lapho ebenxenxa khona inkantolo ukuba imgixabeze ngesigwebo esinesisindo udadewabo.
Ukhale ngezibazi ezishiywe ngudadewabo emndeninim wathi akusekho ukuthembana emndenini ngenxa yezenzo zakhe. Ngisho esekhuluma nezintatheli sekuphele icala, ukuqinisekisile ukuthi mkhulu umonakalo oshiywe udadewabo emndenini.
Ngaphakathi bekugcwele abomndeni nabomphakathi.