IMEYA entsha kuMasipala waKwaDukuza, uMnuz Muzikayise Ngidi, ifuna kubuye uzinzo kulo mkhandlu.
UNgidi uthe ukuqokwa kwakhe nobuholi obusha kusho ukuphela komdonsiswano wokuhola umkhandlu obusudonse isikhathi eside.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emva kokuqokwa kwakhe.
UNgidi uqokwe emhlanganweni womkhandlu.
Uqokwa nje bekukade kunomdonsiswano odonse izinyanga lapho i-ANC ibizama ukukhipha uNksz Lindile Nhaca, esihlalweni sobumeya.
UNksz Nhaca ugcine ekhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe emva kokuthi anqaba ukwesula, waphinde wehluleka ukuthola isivimbelo senkantolo esasizonqanda ukulalelwa kwesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Uqokwe kanye nephini lemeya, uMnuz Njabulo Cele.
Isikhala sephini lemeya savuleka ngonyaka odlule emva kokushona kukaMnuz Thulani ‘Mbazo’ Ntuli.
Izingxabano zangaphakathi kwi-ANC zenze ukuthi kuze kuphele unyaka lingaqokiwe iphini lemeya.
Yabhuntsha imihlangano emibili eyayibizelwe ukuqoka iphini lemeya.
UNgidi uthe njengoba sebuqokiwe ubuholi obusha kufanele kube nobumbano.
“Lesi kufanele kube isiqalo esisha. Lona umzuzu wokuba sibumbane, sisebenze ngokwethembeka.”
UNgidi uthe izikhulu zomkhandlu akufanele zizihlanganise nezimpi zosopolitiki.
“Ngesikhathi kuqhubeka umdonsiswano, kunezikhulu zomkhandlu ebezingene zagamanxa ezimpini ebezidinga isixazululo sezepolitiki. Izikhulu kanye nosopolitiki kufanele bayazi indawo yabo.”
UMasipala waKwaDukuza ungeminye yemikhandlu emikhulu KwaZulu-Natal, lo mkhandlu unesabelomali esingu-R2.7 billion.
UNgidi uthe indawo yaKwaDukuza ikhula ngamandla.
“Lena indawo ethandwa abatshali bezimali kanye nabathuthukisa izindawo.”
UNgidi uthe uMasipala waKwaDukuza ubhekene nezinkinga ezifanayo nalezo ezibhekene neminye imikhandlu.
Ukhale ngokuntuleka kwamathuba emisebenzi, ububha, ubugebengu nokungahanjiswa kwezidingo.
“Njengomkhandlu kufanele sisebenze ngokuzinikela ukuze sishintshe impilo yabantu.”
UNgidi uhlule ikhansela leDA, uNksz Priv Makhan, ngamavoti angu-47 kwangu-10 embangweni wokuhola umkhandlu.
Ukubanga kwe-ANC neDA isihlalo sobumeya kuphinde kwaveza obala ukwalana kwalama qembu komasipala yize ebambisene kuhulumeni wesifundazwe.