INHLANGANO elwela amalungelo abantu, iBlack Sash ifuna kube nophenyo oluzimele mayelana nobuhixihixi basePostbank obushiye izaguga zingayiholile impesheni yazo kule nyanga.
Ziwu-600 000 izaguga ezabuya zilambatha ngelanga okuholwa ngalo impesheni ngenxa yokuthi imali yazo yayingaphumi ePosini nasezitolo ngenxa yobuhixihixi basePostbank.
UNkk Rachel Bukasa onguMqondisi weBlack Sash, uthe uhulumeni kufanele eze nesisombululo esisheshayo sokuxazulula le nkinga ngoba ayiqali ukwenzeka kwazise nangonyaka odlule sike saba khona isimo esifana nalesi.
“Sifuna uhulumeni enze uphenyo olunzulu, izisombululo zinekelwe umphakathi ngoba lesi simo sishiya izaguga nabahola izibonelelo zikahulumeni belambile. Kufanele kusheshe ukubuyiswa kwemali yabantu futhi sifuna kube nesivumelwano esicacile phakathi kwePostbank neSouth African Social Security Agency (Sassa) ukuze zombili lezi zinhlaka ziphendule uma kube nenkinga,” kuchaza uNkk Bukasa.
Uthe yize abePostbank bethi isixazululiwe le nkinga kodwa basathola izicelo zosizo kubantu abangazitholile izimpesheni zabo kanti abanye sebelala ngaphandle kwasePosini njengoba imali ingakangeni kubona.
UNgqongqoshe wezokuXhumana nobuChwepheshe, uMnuz Mondli Gungubele uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli bazithola ngesikhathi esifanele izibonelelo zikahulumeni.
Uxolisile kubantu abawu 600 000 abangazitholanga izibonelelo zabo ngesonto eledlule.
Uthe bawu-5.3 million abantu abahola ePosini kanti ubuhixihixi bangesonto eledlule buphazamise ukuthunyelwa kwezibonelelo eziwu-600 000.
Njengamanje uthe u-90% wabantu usuzitholile izibonelelo zawo kanti abasele babanjezelwa wukuthi iPostbank sekufanele ifake imininingwane yabo ngesandla kwikhompyutha ukuze kubuyiselwe impesheni yabo.
“Ubuhixihixi obenzeke ngesonto eledlule benziwa wukuthi bekulungiswa ubuchwepheshe ePosini. Basuka ohlelweni oludala baya kolusha. Imali yabantu izobuya ngoba ubuchwepheshe buyakwazi ukuveza ukuthi umuntu uyitholile imali yakhe noma akayitholanga njengoba sekukhona abathatha amashansi,” kusho uGungubele.
Ebuzwa ukuthi iPostbank izoba kanjani yiPosi likahulumeni isahluleka wukukhokha izibonelelo zabantu ngesikhathi, uthe njengoba ithuthukisa ubuchwepheshe bayo, izilungiselela kona ukuba yiPosi likahulumeni elizosiza abangamukelekile emabhange amakhulu.
Mayelana nokusula kwamalungu ebhodi lePostbank, uthe uyakwamukela ukwesula kwawo ngoba ubevele ezowaxosha ngenxa yokuthi ebengaphethe kahle futhi kunenkontileka engekho emthethweni ebiqhubeka yize bekukhalwa ngayo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi abantu bayazithola izibonelelo zabo.
Isikhulu sePostbank uNksz Nikki Mbengashe, sithe abasebenzi bamatasa babuyisela imali ebantwini abasasele futhi sizokwenza isiqiniseko sokuthi ubuchwepheshe busezingeni ukuze kugwemeke isimo esifana nalesi.
Uthe akakwazi ukuthi isimo esifana nalesi ngeke siphinde senzeke ngenxa yokuthi akasebenzi ngobuchwepheshe kodwa bazokwenza konke okusemandleni abo ukusigwema.