I-NINGIZIMU Afrika izothenga ugesi owu-100 MW eMozambique, ukuze ikwazi ukulwa nenkinga yokucishwa kukagesi ezweni.
UNgqongqoshe kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uhlangane noMnuz Carlos Zacarias, onguzakwabo waseMozambique, ezindlini zombuso eTshwane.
URamokgopa uthe bavumelene noZacarias ukuthi iMozambique, izodayisela iNingizimu Afrika, ugesi owu-100 MW njengamanje bese ezinyangeni eziyisithupha ezizayo banikwe u-600MW.
“Inhloso yethu wukuthi sigcine sesithola u1000MW kodwa okwamanje iMozambique, izosinikeza u100MW ozosisiza ukuthi silwe nokucishwa kukagesi. Umehluko uyabonakala ukuthi siyalwa nenkinga yokunqamuka kukagesi ngoba awusacishwa njalo futhi nezigaba zokuhamba kwawo sezehlile,” kuchaza uRamokgopa.
Akathandanga ukukhuluma ngodaba lwemali ewuR1 billion ye-Eskom, ekweletwa yinkampani ephehla ugesi eMozambique, i-Eletricidade de Moçambique (EDM).
“Namhlanje besizoxoxa ngodaba oluphuthumayo lokuthi siwuthola kanjani ugesi ozoxazulula izingqinamba zethu. Siwutholile ngoba iMozambique, ivumile ukusinika u-100MW. Zikhona ezinye izindaba okufanele zilungiswe yi-Eskom ne-EDM. Zizolungiswa nazo kodwa namhlanje besizoxoxa ngodaba lokuthola ugesi,” kuchaza uRamokgopa, ezintathelini.
Kuleli sonto i-Eskom imemezele ukuthi ugesi ngeke uhambe ekuseni ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu, yathi kodwa uzohamba ngezikhathi zantambama ngokwezisigaba sesithathu.
Ithe izobazisa abantu uma kuba noshintsho ezinhlelweni zayo zokuphehla ugesi.