MHLENGI SHANGASE
NJENGOBA umonakalo odalwe izikhukhula KwaZulu-Natal ubalelwa kuR954 billion, uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, uthi bahlose ukuthi kuphele isonto abantu abangu-4 396 abahlala emahholo nasemasontweni, babe sebehlala ezindlini zesikhashana.
NJENGOBA umonakalo odalwe izikhukhula KwaZulu-Natal ubalelwa kuR954 billion, uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, uthi bahlose ukuthi kuphele isonto abantu abangu-4 396 abahlala emahholo nasemasontweni, babe sebehlala ezindlini zesikhashana.
UZikalala ubekhuluma nabezindaba ngeSonto eThekwini, uthe ingu-17 438 imizi ekhahlanyezwe yizikhukhula kanti bangu-121 687 abantu abathintekile ngenxa kazamcolo. Uqhube wadalula ukuthi bangu-54 abasadukile, kanti bangu-6 278 abasale dengwane asebengondingasithebeni, abasenayo imizi.
Ubalule nokuthi bangu-7 245 abahlala emahholo eThekwini, babengu-245 KwaDukuza kanti abanye baseMzumbe Ray Nkonyeni naseMdoni.
“Sekuqalile ukwakhiwa kwezindlu zesikhashana, eThekwini sisahlola ezinye zezindawo ukuthi zikulungele ukuthi singakha kuzona. Inhloso yethu enkulu ngukuthi sakhele ngokushesha abantu abangu-4 396, abahlala emahholo nasemasontweni. Sihlose ukuthi kuphele leli sonto zibe sezimile izindlu zesikhashana ezingu-4 396,” kuchaza uZikalala.
Uthe abafuni ukuthi laba bantu bagcine sebehlala kulezi zindlu unomphela kodwa bahlose ukuthi basheshe baqale uhlelo lokubakhela izindlu.
Ubalule ukuthi bahlose ukuthi ezinyangeni eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili, babe sebeqala ukwakhela abantu izindlu zabo. UZikalala uthe okwamanje umonakalo wezikhukhula ubalelwa kuR1 billion kodwa badinga imali engaphezu kwale.
Mayelana nokuthungathwa kwalabo abasadukile, uthe bayaqhubeka nokuthungathwa futhi bebalelwa ku-54 abasadukile.
“Kunethimba elisunguliwe ukubhekana nezinto zokungcwaba. Ngikhulume noNgqongqoshe wezempilo ekuseni, wangitshela ukuthi sisodwa kuphela isidumbu ebesingakahlolwa imbangela yokufa ukuze singcwatshwe,” kusho uZikalala.
Uthe umkhakha oshayeke kakhulu odinga imali eningi ohlanganisa nePrasa odinga uR940 billion.
Eminye iminyango nomasipala okubalwa owezokuthutha oshayeke kakhulu udinga uR6.3 billion ukulungisa ingqalasizinda, owezokuhlaliswa kwabantu udinga uR2.6 billion, kuthi umasipala weTheku udinge uR2.1 billion.
Kanti uGu ludinga uR1.9 billion, umnyango wezemfundo R442 million, uMgungundlovu R210 million, umnyango wezempilo R183 million, uThukela R145 million, umnyango wezenhlalakahle R67 million, umnyango wezolimo R63 million, King Cetshwayo R56 million, uMkhanyakude R20 million, iLembe R18 million kuthi iZululand District kube R12 million.