UMNIKAZI wendawo yobumnandi iMax’s Lifestyle eseMlaza, uMax Mqadi uthi uyaxolisa ngenkulumo esabalale ezinkundleni zokuxhumana athi amagama awashilo awahlalanga kahle kwabaningi.
UMax ukusho lokhu ngemuva kwenkulumo yakhe esabalale ezinkundleni zokuxhumana, lapho abechaza khona ngokuthuthuka kwebhizinisini lakhe athi lineminyaka engu-25 lasungulwa.
UMax uthe inkulumo yakhe ehlukanise abantu phakathi, uyafisa ukuthi ngisho ezinye izinhlanga uma zikhulume zafaka amagama angehli kahle, zidicilelwe phansi nazo njengoba kwenzeka kuye.
Enkulumweni yakhe ezinkundleni zokuxhumana uMax uveze uhambo abe nalo ethuthukisa le ndawo kuze kube manje.
Uveze ukuthi indlela eyiyona ngaphakathi iyiphupho lakhe.
“Le ndawo ngesikhathi ngiyivula ngangibheke uhlobo oluthize lwabantu. Ngangibheke kakhulu abantu bakahulumeni nezinkampani ezinkulu. Anginandaba nabantu abangena bephuma. Mina ngesikhathi ngiphupha ngale ndawo ngangibheke indlela yokuthi uma uhlezi ngaphakathi ushaywe yilo moya okushaya manje.
“Uma ubuka phandle ubone indlela eyiyo manje. Utshwala esinabo la abufani nobakwezinye izindawo, obethu busezingeni. Indawo okupaka kuyo izimoto isezingeni eliphezulu, ilokhu okukhokhelwayo uma ukhona,” kusho uMax.
Ecacisa emsakazweni uKhozi FM, ohlelweni iDankie1223 olwethulwa uZimdollar Biyela noKing Sfiso ulivumile iphutha lakhe wathi kushelele ulimu.
“Ngiyaxolisa kakhulu, nami ngithe uma sengiyilalela le nkulumo ngabona ukuthi angikhulumanga kahle. Wonke umuntu ongena kule ndawo ubalulekile kithi. Kodwa kuwona wonke umuntu onebhizinisi uyiqala indawo ngoba kukhona uhlobo lwabantu alubhekile. Izinkampani ezehlukene nje kukhona abantu ezisuke zibabhekile, ngakho nami bengichaza lokho. Kodwa kukho konke ngicela ukuthi abantu bangixolele,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi abantu ababonga kakhulu abaseMlaza njengoba ekhulele khona wafunda khona nokuthe uma eseqala ibhizinisi bameseka.
Uthe okumphathe kabi kukho konke ukubona abantu bebhale ukuthi ngabe kungcono ukuba wafa ngesikhathi ehlaselwa edutshulwa ephuma kuyona le ndawo ngo-2021.
Ezinkundleni zokuxhumana bekuhlukene imibono abanye bemgxeka ngale nkulumo abanye bethi uqinisile njengoba ekhuluma ngephupho lakhe.
UNtokozo Ndoh Mbuyisa uthe: “Umarazo ubhedile kakhulu, bekumele awakhethe kahle amagama awashoyo”.
UZimkita Luvalo uthe: “Ngiyacabanga ukuthi ulimi lwesiNgisi inkinga lana, ukube ukhulume ngesiZulu ubezoyibeka kahle le nkulumo yakhe ngoba ngiyamuzwa mina kancane ukuthi ubefuna ukuthini bakithi.”