ULWAZI lokuthi i-CR Belouizdad yase-Algeria ibisenalo ithuba lokudlulela kuma-quarterfinal eCaf Champions League kusebenze njengesikhuthazi kubadlali be-Orlando Pirates ngesikhathi inqoba umdlalo ka-Group C ngeSonto, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Lokhu kushiwo nguThalente Mbatha oshayele iPirates ingcwenga yegoli kulo mdlalo oqinisekise ukuthi iBucs izobe isesigqokweni sama-quarterfinal alo mqhudelwano okokuqala eminyakeni engaphezulu kwengu-10.
UMbatha ushaye igoli lesibili engeza kwelikaRelebohile Mofokeng ngaphambi kokuthi izitha zithole elokubika ekhaya esikhathini esengezwe unondweba.
Le wini ibuyisele iPirates esicongweni kuleli qoqo ngaphambi kokuthi lisongwe ngempelasonto ezayo. Ukube iPirates ivumele ukushayelwa ekhaya yiBelouizdad, leli qembu lase-Algeria belizoyeqa ngamaphuzu.
Lokhu bekuzodala enkulu inkinga kwiPirates ngoba bese kuzoyiphoqa ukuthi iwunqobe noma kanjani owe-Al Ahly yase-Egypt ngoMgqibelo kwazise leli qembu lase-Algeria libukeka linawo amava okuwunqoba owayo wokugcina neStade d’Abijan yase-Ivory Coast.
“Bekunzima ukudlala lo mdlalo ngoba besazi ukuthi uma sinqoba sizobe sizifake kuma-quarterfinal eChampions League kodwa uma sidlala kancane singazithola singaphandle kwawo,” kusho uMbatha.
“Bekungekho ukuthi singayidedela iBelouizdad e-Orlando Stadium ngoba besazi ukuthi ngokwezibalo nayo ibisenalo ithuba lokusikhipha.
“Lolu lwazi lusebenze njengomjovo wokusikhuthaza nokusiqaphelisa ingqayizivele yethuba esizibeke kuyona. Bekunzima ukudlala lo mdlalo ngoba umqondo bewazi ukuthi iphutha elincane esingalenza lingadala imbedumehlwana.
“Njengoba sakwazi ukubashayela e-Algeria koweqoqo, besazi ukuthi singabaphinda kodwa futhi bekukhona emqondweni ukuthi nabo banabo abadlali abangasidlisela ogageni.
“Kusisizile nokho ukubhunga sisodwa njengabadlali ngobumqoka bokukhuthazana ngesikhathi kuqhubeka umdlalo nokuzinikela ekutheni amaphutha azokwenziwa ngozakwethu amelwe ukulungiswa yithina sonke.
“Besinomqondo owodwa sonke ngalo mqhudelwano yingakho okuningi kube sengathi kulula njengokunqoba imidlalo yasekuhambeni okuyinto engicabanga ukuthi isizile kakhulu uma kuza ngasekuzethembeni,” kusho uMbatha.
IPirates izosonga eyamaqoqo ngowe-Al Ahly ngoMgqibelo ngo-6 ntambama emdlalweni ozocacisa elizoqeda phezulu kuGroup C.