IZIZWA ithunukala amanxeba imindeni yabafundi ababulawe ngoyise bezingane zabo ngesihluku sebefunda u-matric nyakenye.
Phakathi kwabafi kukhona uMandisa Cele (21) waseSiqungeni, eMthwalume, owabulawa nguyise wengane (3) yakhe ngoJulayi, nyakenye.
Isidumbu sikaMandisa owayefunda eSinokubonga Junior Secondary, satholwa simbozwe ngengubo phezu kombede egumbini lakhe lokulala, ikhanda libokozela ukushawa.
Ngaleso sikhathi, Isolezwe lathola ukuthi wayehlale exabana nomsolwa, efuna ukubuyiselwa ingane yakhe, okwavela ukuthi wayiphucwa umndeni kamsolwa.
Isolezwe likhuluma noyise, uMnuz Mzwandile Dlungele ngeSonto, uthe uyathunukala ngendodakazi yakhe njengoba kuphuma imiphumela ka-matric.
“Ngiyazi ukuthi ubezothola o-distinction abambalwa ngoba ubehlakaniphe kakhulu. Ngisho nothisha abebemfundisa bakhala kakhulu ebulelwe, bethi umbulali unqamuleze impilo yomuntu obenekusasa eliqhakazile,” kusho uDlungele.
Uthe othisha babeye bamcele, afundise abanye abafundi ngempelasonto.
“Nangempelasonto yesigameko babemcelile ukuthi ayosiza. Bekwaziwa ukuthi uma uthisha engekho, uMandisa uzobasiza abanye ozakwabo,” kusho uDlungele.
Uthe ngisho nasendlini yakhe, lapho abulawelwa khona, kwakugcwele izincwadi.
Omunye umfundi owabulawa ngesihluku ngo-Ephreli, umndeni wakhe othi ubusalindele lukhulu kuye uZinhle Khathi waKwaDumisa, eMzinto.
UZinhle owayefunda eSiphapheme High, ehlala noninakhulu (78), watholwa ethule egumbini ayelala kulo. Kwathiwa umsolwa umbulale ngokumshaya nokumklinya.
Udadewabo uNksz Sandisile Khathi, uthe wayezithanda izincwadi zakhe, engalali engafundanga.
“Wayeze avuke ebusuku ngo-12, afunde yize ayehleli ngaphansi kwezimo ezinzima ezifaka phakathi ukuhlukunyezwa wuye umsolwa,” kusho uNksz Khathi.
Uthe abangabazi ukuthi ubezophasa.
Uveze ukuthi wayethe uma eseqede uzokwenza izifundo zodokotela bezilwane ngoba wayezithanda.