IMANTSHI uVincent Hlatshwayo ihlabe isenzo sabasolwa ababili kwabahlanu ecaleni lokubulawa komrepha u-AKA nomngani wakhe owayengusomabhizinisi uTibz, ngokuthi kuwukumosha isikhathi senkantolo ukulokhu befaka isicelo sebheyili bephindelela kuleli cala ababhekene nalo.
UHlatshwayo usho njalo eNkantolo yeMantshi eThekwini, ngoLwesithathu, ngenkathi echitha isicelo sikaMnuz Muziwethemba Gwabeni noMnuz Lindokuhle Ndimande, abangabasolwa ababili kwabahlanu, abasolwa ngokubulala u-AKA no-Tibz, esigamakweni esenzeka ngoFebhuwari 2023, ngaphandle kwendawo yokudlela esemgwaqeni uFlorida, eThekwini.
Bese kungokwesithathu oGwabeni noNdimande befaka isecelo sebheyili, njengoba baqale basifaka ngoMeyi wanyekenye, sachithwa, kwala ngisho sebesidlulisela eNkantolo ePhakeme.
Bezofaka kabusha isicelo sabo ngesonto elidlule, babeveze ukuthi banemininingwane emisha, abakholwa wukuthi yanele ukuthi iMantshi icubungule kabusha isicelo sabo sebheyili.
UGwabeni ubekhale ngokuthi ukweleta uR100 000 esikoleni okufunda kusona enye yezingane zakhe, nokuthi enye ingane yakhe nonkosikazi wakhe baulekwa ngokomqondo, okudinga ukuthi abe seduze nabo ukubeseka. Wathi lokho kudinga imali, akakwazi ukukwenza njengoba evalelwe esesitokisini.
UNdimande yena wakhala ngokuthi impilo inzima emndenini wakhe ngenxa yokulimala kwetekisi yakhe elaba sengozini, angakwazi ukulilungisa njengoba esesitokisini, nokuthi umndeni wakhe uyasokola ezimalini njengoba yena engekho, futhi wuye obhekele izindleko zamakhosikazi kayise ongasekho emhlabeni.
UHlatshwayo ukhale ngokuthi isicelo salaba basolwa sebheyili sifana nokuhlukumeza iNkantolo, ikakhulu ngoba izethulo zabo uzibona zifananaseke bakusho esikhathini esedlule, bechithwa.
“Ngakho inkantolo ayikwazi ukubanika ibheyili kube bungekho ubufakazi obusha obungenza yenze lokho, nokuthi kuyabonakala ukuthi akukho okungavimba umsolwa wokuqala ukuphazamisa ofakazi becala, njengoba ubufakazi obusenkantolo kufakazela ukuthi useke wazama ukwenza lokho,” kusho uHlatshwayo.
Icala lizobuyela eNkantolo ngoFebhuwari 7, lapho okulindeleke khona ukuthi abasolwa bethulelwe umqulu wamacala ababekwe wona andukuba kuqale ukuqulwa kwecala.