OZAKWABO bendlovukazi yegqom’, uBongekile "Babes Wodumo" Simelane-Maphumulo, bebengabonwa nangokhalo ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi eThekwini, lapho umculi ebevele khona.
Esikhundleni sosaziwayo namalungu omndeni wakhe, uBabes ungene ephahlwe ngezinye izinsizwa ezimbili ezingadumile. Ubedaye izinwele ngombala ocishe ube luhlaza okwesibhakabhaka, egqoke ijezi elinemibala eminingi nebhulukwe elimnyama okungathi liyi-cargo.
Ummeli wakhe uMnuz Thula Mlondo, unxuse inkantolo ukuba inqabele abezindaba ukuba bathathe izithombe nama-vidiyo kaBabes.
Imantshi inxuse izintatheli ukuba zingalokothi zimshuthe noma ziqophe umculi nge-vidiyo phakathi enkantolo.
UBabes ufakwe enkantolo ngumsiki wengqephu waseThekwini, uPhilile “Philly” Mhlongo (34), emsola ngokumshaya nangokumhlambalaza ezinkundleni zokuxhumana. Leli cala bekulindeleke ukuba liqale ukuqulwa ngoLwesibili kuze kushaye uLwesine kodwa kwagcina kubhuntshile ngenxa yesicelo sikammeli kaBabes. Inkantolo ibe seyibiza ummangali uPhilly, yamchazela ukuthi icala lihlehlela isonto elizayo.
UBabes usolwa ngokuhlasela umphathi we-SK Dee Designs endaweni asebenzela kuyo ekuWest Walk, eThekwini ngoMashi 12 ngonyaka odlule. Lo mculi wodumo lwengoma ethi Wololo wabizelwa enkantolo ngoJuni 27 nango-Okthoba 8, nyakenye, kodwa wangalubeka unyawo kwaze kwaba imantshi imkhiphela isexwayiso sokuba avele phambi kwayo.
Kuthiwa ummeli kaBabes wanxusa uPhilly ukuba udaba luxazululwe ngasese, okuyinto uPhilly athe akabanga nankinga nayo. UBabes, noPhilly bavela enkantolo ngo-Okthoba 14, ngaphambi kokuba imantshi ihlele izinsuku zokuqulwa kwecala ngoJanuwari 14, 15 no-16.
Njengamanje uBabes ungaphandle ngesexwayiso.
UPhilly noBabes baqala babizelwa enkantolo esePoint, ngoJulayi 11, ngenhloso yokuzwa ukuthi babangani.
UPhilly wathi okumenze wabopha uBabes yingoba efuna ukumnqanda ekukhulumeni ngaye ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yezindaba ngoba udicilela phansi isithunzi sebhizinisi lakhe.
Kwaze kwasabalala ne-vidiyo kaBabes, noPhilly bebambana ngezandla kwaze kwaba ngamahlandla amabili.
UPhilly wathi ingxabano phakathi kwakhe noBabes yasuswa ngabadansi bakhe abafika kuye ngoFebhuwari 28, befuna izingubo ababezozigqoka beyonandisa emcimbini we-IFP.
“Babezifuna mahhala. Babengenayo imali, bashiya u-R150 bebabili, okuyimali engenele. Isivumelwano sethu kwakuwukuthi bazozibuyisa ngakusasa kodwa abangazibuyisa."
UPhilly uthi abadansi baqhubeka nokuzigqoka ngisho sesidlulile isikhathi ababevumelene ngaso.
UBabes waphendula nge-vidiyo kwi-Facebook, wavuma ukuthi bayile lapho kusebenzela khona uPhilly bezobuza ukuthi ungena kuphi yena uma exabene nabadansi bakhe kodwa uPhilly wamphendula ngenhlamba, embiza ngesife** somfelokazi maqede wathuka noyise. Wathi akasibonanga isidingo sokubopha uPhilly ngoba "akabalulekile ngaleyo ndlela".