KUHLASELE uthuli lwezichwe eNdlunkulu kaZulu njengoba uNdlunkulu weSilo, uNtokozo Mayisela Zulu, efake isicelo esiphuthumayo sokuvimba umshado weMbube, noNdlunkulu uNomzamo Myeni.
Kulesi sicelo asifake eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ufuna kuvinjwe umshado weSilo ozokuba sekupheleni kwenyanga, waphumela obala ngezinto eziningi.
Emaphepheni abonwe yiSolezwe Ngempelasonto, uNdlunkulu uKaMayisela, uthe iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye undlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe njengoba beshade umshado omhlophe umthetho kawuvumi ukuthi omunye wabo aphinde ashade omunye umuntu.
Nakuba ethe akananxa nokuthi iSilo sithathe omunye undlunkulu, ukhale ngokuthi ezinye izinqumo zeMbube zihlambalaza iSilo.
Encwadini ayibhekise kubantwana basendlunkulu eyingxenye yamaphepha awafake enkantolo, uNdlunkulu uKaMayisela uthe ezinye izinqumo zeSilo zibulala isintu, wathi zenza ukuthi iMbube ithukwe ngabantu.
UNdlunkulu uKaMayisela ufuna ukuthi isicelo sakhe silalelwe ngoJanuwari 20, 2025, kanti uthi bashada umshado omhlophe ngo-2021, eNquthu.
IMbube ihlele ukugcagcelwa uNdlunkulu uMaMyeni ngoJanuwari 26, kuhlelwe ukuba kuqale umkhehlo ngoJanuwari 24.
Undlunkulu uKaMayisela uthe ukhona umhlangano ohleliwe wokuxoxa ngomshado weSilo kodwa ungenyanga ezayo ngoFebhuwari.
“Ngaleso sikhathi lizobe selidume ladlula njengoba umshado uzobe usudlulile. Umshado wesiLungu esiwushadile kawuvumi ukuthi iMbube ithathe isithembu,” kusho uKaMayisela.
Uveze ukuthi ngesikhathi kufika uNdlunkulu Nozizwe waseSwatini, bavumelana neSilo ukuthi bawushintshe umshado wabo bawenze owesintu.
“Safuna izeluleko kubameli ngalokhu, basiluleka ukuthi zimbili izindlela zokwenza lokhu. Eyokuqala ukuhlukanisa bese sibhalisa owesintu, okuyinto eyayizoba yihlazo ngoba kuphambene nosiko ukuthi iSilo sihlukanise umshado. Eyesibili wukufaka isicelo enkantolo ukuthi uguqulwe, okunesithunzi futhi izokwenza indlela yesintu ibe namalungelo afanayo nowesiLungu. Savumelana neNgonyama ngokuthi sithathe uhlelo lwesibili, sathi sisephakathi nalo, iMbube yathi asilumise lolu hlelo ngaphandle kwezizathu,” kusho uKaMayisela.
Uveze ukuthi usenovalo ngokuphepha kwakhe kanjalo namazinyane eSilo ahleli nawo.
“INgonyama ayikaze ingibikele ukuthi ithatha undlunkulu noma ngiyibuza iyakuphika lokhu. Ngisahleli esigodlweni nabantwana bami, iNgonyama iyafika izosibona. Umshado obikwayo noMaMyeni awukwazi ukwenzeka kungalungisiwe izinto ngendlela. Anginqabi ukuba iNgonyama iganwe kodwa isizwe nosiko kanye nendlunkulu kufika kuqala, ngikholwa ngukuthi kumele kuvikelwe,” kuchaza uKaMayisela.
Ummeli kaNdlunkulu uKaMayisela, uMnuz Melusi Xulu weDonda Attorneys, ukuqinisekisile ukufakwa kwamaphepha.
“Uma ushade umshado omhlophe awukwazi ukuthatha isithembu.”
IMbube ihlela umshado nje, ivele isifake isehlukaniso nomunye wondlunkulu baso.
UXulu uthe isicelo sokwehlukaniswa esisanda kufakwa yiMbube, asiyigunyazi ukuthi ithathe omunye undlunkulu, wathi kufanele ilinde kuze kuphothulwe isicelo sokwehlukanisa.
“Awukwazi ukuthi uyehlukanisa ngapha, ziyawushaya ngapha.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu waKwaMinyamanzi, ayizange iphumelele ngoba zombili izingcingo zakhe bezingangeni.
Kanjalo nemizamo yokuthola ukuphawula kwabameli beSilo, abeCavanagh and Richards Attorneys, ayizange iphumelele ngoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.