BAVEZE ukuthi bangompetha nasekilasini abafundi basesikoleni saseMgungundlovu esidume ngokwenza kahle kwezemidlalo, i-Edendale Technical School, njengoba nemiphumela yabo ka-matric ibe seqophelweni elicokeme.
Abafundi abane bakulesi sikole baklaye ngo-A kuzona zonke izifundo zabo eziyisishiyagalombili.
Abenze kahle bebenza izifundo i-Mathemetics, Life Science, Physical Science, Tourism, Engineering Graphics and Design, Life Orientation, English nesiZulu.
Bekungekhona ukuthi bekulula kulaba bafundi abaphase ngamalengiso. Endleleni ebheke empumelelweni bekunezingqinamba ezehlukene abathe abazange bazivumele ukuba zishabalalise amaphupho abo.
UMawande Phungula (17), othole o-A kuzo zonke izifundo zakhe, uthe ukuxinwa yisifo samathambo kucishe kwaphazamisa iphupho lakhe lokuphasa ngamalengiso.
“Lo nyaka ubunzima kakhulu kimina, ngibe umntwana ohlushwa ukugula. Kube khona izinsuku lapho ngigcine ngingasakwazi ukuya esikoleni.”
UMawande uthe isifo samathambo besimqinisa kakhulu ebusika, wathi kunamaphepha amabili okuhlolwa kwaphakathi nonyaka angakwazanga ukuwabhala.
Uthe into emsize kakhulu ukufunda noma esekhaya.
UMawande uthe kumumangazile ukubalwa kubafundi abenze kahle. Uthe ufisa ukwenza izifundo ze-Medicine, wathi ufake izicelo zokufunda e-University of Cape Town, University of KwaZulu-Natal nase-University of Pretoria.
ULangelihle Dlamini (17), naye othole o-A kuzo zonke izifundo zakhe, uthe ukushona kukanina ngaphambi kokuthi aqale u-matric kwenze kwaba nzima kuyena.
Unina, uNksz Zamandwandwe Nxumalo, washona ngoDisemba ngo-2023.
“Bese ngisele nogogo. Lokhu kusho ukuthi bese kumele ngisebenze kanzima ukuze ngithole izinto engizifisayo. Ngizizwe ngijabule ukuthola imiphumela emihle ngoba lona bekuwunyaka onzima kakhulu kumina.”
ULangelihle uthe ufisa ukuyokwenza izifundo zobudokotela, wathi ufake izicelo eWits, University of Cape Town, University of KwaZulu-Natal nase-University of Johannesburg.
ULaura Phiri (17), odabule o-A kuzo zonke izifundo, uthe kumsebenzele ukudela ubuthongo.
“Umsebenzi ubumningi, ngakho bengingasalali. Bengijwayele ukulala ngo-12 ebusuku noma ngo-1. Bese ngivuka ngiya esikoleni.”
ULaura uthe ufisa ukuyofundela ubudokotela, wathi ufake nesicelo sokwenza izifundo ze-Computer Scienece.
USiphokuhle Ndlovu (18), naye odabule o-A kuzo zonke izifundo zakhe, uthe okumsize kakhulu ukuya ezifundweni zasebusuku kanye nezangempelasonto.
USiphokuhle uthe ufisa ukwenza izifundo ze-Aucturial Science, wathi ufake isicelo sokufunda e-University of Cape Town.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele esikoleni izolo, abazali nabafundi bebengena belakanyana, bezofuna izikhala zokufunda ngenxa yedumela lalesi sikole.