INDLUNKULU kaZulu kayikazi noma isingalungiswa yini imithombo yokuvubela kuhlelelwa umgcagco weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, okufanele ube ekupheleni kwenyanga njengoba kunesicelo esifakwe eNkantolo uNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, sokuba umiswe.
IHhovisi leSilo lithe lisalinde iNdlulamithi yamakhosi ukuba isho ukuthi kusazoya ngamagama enkehli yini ngomchanguzo kaNdlunkulu uMaMyeni.
Abasendlunkulu bathi isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela sibehle ngaphezulu, ngaleyo ndlela abanalo izwi elilodwa.
ISilo kufanele sigcagcelwe nguNdlunkulu uNomzamo Myeni ngoJanuwari 26. Umgcagco wamenyezelwa ngokusemthethweni ngokhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, ngesonto eledlule. Kepha umshado usufakelwe isivimbelo sasenkantolo ngemva kokuthi uNdlunkulu uKaMayisela efake isicelo sokuba umiswe.
Emaphepheni awafake eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uNdlunkulu uKaMayisela uthe iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye undlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe njengoba beshade umshado omhlophe umthetho awuvumi ukuthi omunye wabo aphinde ashade omunye umuntu.
UKaMayisela, neMbube bashada umshado omhlophe ngo-2021, eNquthu.
Ethintwa yiSolezwe izolo, uMntwana uSimphiwe, uthe abazi ukuthi uzoqhubeka yini umgcagco njengoba kuhleliwe.
“Lolu udaba luthinta abantu ababili, luphakathi kukaNdlunkulu uKaMayisela neNgonyama. Silinde ukuthi kube yibona abashoyo ukuthi kuzokwenzakalani njengoba isimo sinje. INgonyama ibingakasho lutho, ngakho-ke asazi ukuthi kuzokwenzakalani.”
UMntwana uSimphiwe uthe iMbube iyaqhubeka nomsebenzi wesizwe yize ibhekene nalesi simo. Uthe njengamanje iSilo simatasa noMkhosi woSelwa oqhubekayo esigodlweni eMashobeni.
“Ibutho lifikile izolo (ngoMgqibelo), lizophuma namhlanje (izolo) liyogawula usekwane. Lizobuya kusasa (namhlanje) lizobika inhlambeko.”
Umthombo osendlunkulu uthe nabo bayazibuza, bayaziphendula ukuthi iyozala nkomoni.
“Okwenza izinto zibe nzima ukuthi kunomkhosi oqhubekayo, iNgonyama igonqile. Kunzima nanokuthi kube nomhlangano. Okuyinkinga kakhulu ukuthi nawo umgcagco ususeduze. Ngicabanga ukuthi okuningi sizokwazi uma sekuphele umkhosi.
“Akekho obeyilindele into eyenziwe undlunkulu. Yebo, besazi ukuthi kunezinkinga kodwa besingalindele ukuthi udaba lungaze lungene enkantolo. Into ebesiyilindele ukuthi kube nomhlangano obuzoxoxa lolu daba.”
UNdlunkulu uKaMayisela ufuna ukuthi isicelo sakhe silalelwe ngoJanuwari 20.
Ungoti wezomthetho, u-Advocate Abigail Ngobene, uthe iMbube ayikwazi ukuthatha omunye undlunkulu ekubeni ingakahlukani noNdlunkulu uKaMayisela. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabe-Newsroom Afrika.
“Umthetho ukubeka kucace ukuthi umuntu oshade umshado omhlophe akavumelekile ukuthatha isithembu. Umshado wabo awufani nomshado wesintu ovumela isithembu.”