UMCULI kamaskandi uMenzi Mabizela uthi, ukukhula kanzima ngemuva kokushona kukayise angamanzi, yikhona okumenze wangena emculweni ngoba efuna impilo engcono.
UMenzi wasesigodini saKwaMthandi, eMnabhithi, uthe uyaziqhenya ngempumelelo yakhe kulo mkhakha ngoba uthathwa njengomculi wesibili kamaskandi omkhulu manje ophuma kuleli dolobha.
Kulezi zinsuku uMenzi ungomunye wabaculi bakamaskandi abavutha bengabaselwe kule ndima njengoba enezingoma ezishisa izikhotha.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi yize enenhliziyo encane kodwa akafisi ukuzibona nangelilodwa engene shi, ezimpini zikamaskandi.
“Mina ngingasho ukuthi ngingene kulo mculo ngoba ngiphoqwa izimo zasekhaya. Uthando noma ithalente yinto engingasho ukuthi nganginenazo futhi ngangingaziboni ngicula. Kodwa izimo zasekhaya zokukhula ngingamazi ubaba, yizona ezangenza ngabheka ukuthi ngiyakwazi ukucula ngakho angiqale ngibhale izingoma ngikhiphe ama-albhamu. Ngiqale ngo-2015 kodwa ukukhipha i-albhamu ephelele eyokuqala ngiyidedele ngo-2020. Ngeke-ke ngikhulume ngayo ngoba inkampani engangisebenza nayo kuyo ngashiya futhi angithandi ukulokhu ngiveza umsebenzi wami nayo,” kuchaza uMenzi.
Uthe ngemuva kwalokho ube esekhipha ama-albhamu ehlukene awabonile enza kahle anenzingoma okubalwa kuzo ethi Wayengenalutho, Wamnika Kanjani, Wayeziphuzela nezinye.
“Ukulandela uSandile Mbongwa ngokuba yiciko elikhulu emculweni kamaskandi eMnabhithi kungenze ngathobeka. Umkhakha kamaskandi ungenze ngaphila, ngavusa ikhaya lakithi, ngathenga izinkomo, umuzi wasekhaya usufana neminye imizi.
"Kodwa engingakuthandi ngawo (umaskanda) yizingxabano zakhona engibona ukuthi zidalwa abahleli bemicimbi nemincintiswano abayenzayo ngathi. Ukube kuya ngami ngabe angiyingeneli le mincintiswano ekhona kodwa konke ngikwenza ngoba ngihlonipha umphakathi engiwenzela umculo kanjalo nabalandeli bami okuyibo abafuna ngibe yingxenye yayo,” kusho uMenzi.
Uthe i-albhamu ayikhiphe ngonyaka odlule ethi Sizesiguge, isenza kahle ezitolo zomculo futhi okwamanje usaphusha yona, kuze kube ukhipha enye.
Uveze ukuthi kulo nyaka asakwenzile ukusebenza namaqembu amabili amakhulu emculweni maduze nje, azodedela izingoma ayingxenye yazo njengoba emcelile ukuthi asebenze nawo.