KUQHUBEKILE nokushiya imibuzo kwabaningi ukungabonakali kwabanye babasunguli beqembu lomculo iJoyous Celebration, uJabu Hlongwane noPastor Mthunzi Namba, njengoba belenze idili lomcimbi iJoyous The Rewind Show, ngempelasonto.
Umcimbi wokuqala ubungoMgqibelo, e-ICC, eThekwini, lapho leli qembu lenze elidume ngakho lijabulisa abalandeli ngezingoma zakudala.
Ukubonakala kwabaculi ababeyingxenye yaleli qembu becula izingoma ezaduma, okukhona kubo uXolani Mdlalose, Nobathembu Mabeka, Sphumelele Mbambo, Londiwe Sphe Nxumalo nabanye, kujabulise abantu abaningi abakhumbule ibanga elihanjwe yileli qembu.
Kodwa abaningi badumele uze uphela lo mcimbi izintatha bengangeni uJabu Hlongwane noMthunzi Namba.
Laba yize Isolezwe lake labika ukuthi abasabhekani noLindelani Mkhize osesele yedwa kodwa kucacele noma ubani ukuthi abalandeli bebebalindele kulenqophamlando.
Izingoma eziningi zakudala ziculwe yiqembu ngokuhlanganyela ezinye zaculwa amalungu akhona manje.
ULindelani Mkhize ubonge wonke umuntu ohambele umcimbi, wathi kuyajabulisa ukubona abantu besaphuma ngobuningi babo ukuzobungaza nabo.
NgeSonto, leli qembu lethule i-albhamu yalo yesi-28 kubalandeli kanti ibiqoshwa bukhoma.
Kuyona abaculi okukhona kubo uSjava, bebeyizihambeli eziqavile ezijabulise izinhlwele ngengoma yakhe ethi uNkulunkulu Owaziyo.