KUBUKEKA esazothwala kanzima ekuhhewulweni ngabalandeli umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro, uma kusazoqhubeka ukwehluleka kwakhe ukubhakuzisa inethi osekuholele ekutheni ithimba labaqeqeshi baMakhosi liphinde limshwelezele.
Lokhu kuphinde kwagqama ngenkathi iChiefs iguqiswa yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Abalandeli bamcele ngaphandle uChivaviro esanda kungena ngemuva kokwehlulwa yigoli esebhekene nonozinti we-Arrows, u-Ismail Watenga.
UChivaviro (32) ujoyine iChiefs ngesizini edlule, kubhekwe lukhulu kuyena kwazise ubeqhulula amagoli kwiMarumo Gallants. Amakhosi kudingeke ukuthi axoxe beRichards Bay kwazise ubesesayine nayo.
Iphini lomqeqeshi weChiefs, uKhalil Ben Youssef, lithe beyithimba labaqeqeshi bazoqhubeka nokumeseka uChivaviro kulesi simo abhekene naso sokwehlelwa yifomu. Wamshwelezela kubalandeli abamhhahhamezayo lo mgadli.
“URanga ungumgadli, umsebenzi womgadli wukushaya amagoli. Uyiqale kahle isizini eshaya amagoli kodwa wehlelwa yifomu.
Nokho siyasebenza naye ejimini ukumelekelela nokumsiza. Sizoqhubeka nokumeseka aze abuyele efomini yakhe yokushaya amagoli,” kusho uBen Youssef.
Ukhuluma kanjena nje lo mqeqeshi, kuvele ukuthi iChiefs ifake uChivaviro ohlelweni olukhethekile lokumsiza ukuthi aqobele phakathi amagoli.
Lo mgadli odabuka eLimpopo usashaye amagoli amane emidlalweni engu-14 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini kwiChiefs. Unyamanambana kubalandeli beZimpofana kusukela ngo-Okthoba, ngesikhathi iChiefs ibhuquzisa iSupersport United ngo 4-0 emdlalweni wePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Kulo mdlalo, uChivaviro uhlulwe yigoli esebhekene nonozinti esiwombeni sokuqala. Kwesesibili ulishayile wabheka ngakubalandeli ekhombisa ngomunwe ukuthi bakhuluma kakhulu. Lesi senzo simenze wanuka umzondo kubalandeli baMakhosi.
Nangemuva kwalowo mdlalo, umqeqeshi uNabi uzwakalisa ukumeseka uChavivoro ngemuva kokuhhewulwa ngabalandeli.
Amakhosi asabhekene nenselelo yokugcina umgqigqo nokungenelwa ngamagoli selokhu kuqale le sizini. NgeSonto azobuyela eMabhida eseyobhekana neSekhukhune United kowePremiership ngo-3.30 ntambama.
Ngakho kubhekwe ngabomvu ukuthi abalandeli baleli qembu okulindeleke ukuba baphinde baphume ngobuningi, bazoqhubeka yini nokumhhewula lo mgadli uma eqhubeka nokugeja amagoli.
Imidlalo yeBetway Premiership
NgoLwesihlanu ngo-7.30pm
Cape Town City v Richards Bay (Athlone Stadium); SuperSport United v Polokwane City (Lucas Moripe Stadium)
NgoMgqibelo
Golden Arrows v TS Galaxy (Mpumalanga Stadium, 3.30pm); Chippa United v Marumo Gallants (Buffalo City Stadium, 8pm)
NgeSonto
Kaizer Chiefs v Sekhukhune United (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm)