LIMELWE wumsebenzi onzima wokuzitakula ekuhambeni iqembu lakuleli lesizwe lamantombazane lika-Under-17 elizobhekana neNigeria emlenzeni wesibili kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Lo mdlalo uzoqala ngo-5 namuhla ntambama eRemo Stars Stadium, edolobheni i-Ikenne.
IBantwana izifake obishini ngesikhathi inqotshwa yiFlamingos ngo 3-1 emlenzeni wokuqala obuseLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo odlule.
Kulo wo mdlalo uHarmony Chidi washayela izivakashi amagoli amabili, elinye laqhamuka kuShakirat Moshood, elakuleli laphendula ngephenathi kaKatleho Malebana.
Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu eliphekwa nguNtombifuthi Khumalo kumele lihlohle okungenani amagoli amathathu namuhla ukuze lizibeke ethubeni lokudlulela emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga.
“Uma izimbangi zethu sezisifakele ingcindezi, yilapho sihluleka khona ukuvala emuva. Yilokho okufanele sikulungise ngaphambi kokuthi singene emlenzeni wesibili. Amantombazane akhombise ukuqina, siyazi ukuthi yikuphi lapho kufanele sithuthuke khona,” uphawule kanje uKhumalo ngemuva komlenze wokuqala.
“Singakwazi ukushaya amagoli amaningi ngoba sibahle uma siphethe ibhola futhi siyawakha amathuba.”
Kuzobe kubhekwe kakhulu abadlali abafana noNomfundo Nzuza, Nobahle Mdelwa, Khwezi khoza nabanye abagqama ngesikhathi iqembu lakuleli lizidlulela ngehubo kwiTanzania emzuliswaneni wokuqala.
Uma iBantwana igcina ikwazile ukuvimba iNigeria enkundleni yayo bese ithola amagoli awadingayo ukuze inqobe umdlalo, izodlulea emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga lapho izobhekana khona nozonqoba phakathi kweBotswana ne-Algeria.
IBotswana inethuba elithe xaxa lokudlulela phambili kwazise inqobe ngo 2-1 emlenzeni wokuqala, eGaborone.
Amaqembu azophuma phambili emzuliswaneni wokugcina azozibekisela izindawo eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa eMorocco kusukela ngo-Okthoba kuya kuNovemba.