BAKHALA bayazithulisa abazali abaqolwe inqwaba yemali ngowesilisa ongaziwa, obezenza uthishanhloko wesikole saseNkandla, iBizimali High. Kuthiwa umlisa ubamukela ngokungemthetho imali yezingane ebezifuna ukuyofunda okokuqala kulesi sikole.
Isolezwe lithole ngoNksz Nkeletseng Tshehlo waseMorningside, eThekwini, ongomunye wabazali abaqoliwe ukuthi konke lokhu, umsolwa ubekwenza esebenzisa inombolo yeselula ayifake online, eshaya sengathi eyesikole.
Isolezwe liphinde lathola ukuthi balinganiselwa ku-105 abazali abashawe ngemfe iphindiwe, kukhona nabasuka eGauteng. Isiyonke imali okusolwa ukuthi umlisa uyiqole abazali ilinganiselwa ku-R315 000.
Elandisa ngesehlakalo esibashiye bebambe ongezansi, uNksz Tshehlo uthe iningi labo lithole ukuthi belibanjiswe udonga ngoMsombuluko ngesikhathi litheleka emasangweni esikole nezingane, nemithwalo, ngethemba lokuthi sezizoqala ukufunda.
Uthe kuduma ikhanda ngoba uqolwe u-R3 500, uthi umlisa wamyalela ukuthi akawufake kwi-akhawunti yaseTyme Bank ngoSepthemba nyakenye, eqeda kuthola inombolo yakhe online.
“Ngishaye imoto ngibheke eNkandla ngethemba lokuthi uzofike angene ngaphakathi uTumelo (Tshehlo), alindele ukuvulwa kwezikole namuhla (esho izolo). Kuse ngokunye esikoleni sebengitshela ukuthi uTumelo akekho emabhukwini esikole,” kuchaza uNksz Tshehlo.
“Ngesikhathi sixoxa naye lo muntu, wazibiza ngothishonhloko, wathi akufakwe imali kwi-akhawunti yesikole. Sakwenza lokho, sazitshela ukuthi konke sekumi ngomumo ngoba ingane isisitholile isikhala,” kuchaza uNksz Tshehlo.
Uthe ube eseqhubeka nezinye izinhlelo ezinjengokuthenga umfaniswano wesikole, ukudla nokunye obekuzodingwa yingane uma isihlala ngaphakathi eBizimali.
Uveze ukuthi ngesikhathi sebefikile esikoleni, othisha babatshele ukuthi akuqali ukuthi kuqolwe abazali ngale ndlela.
Uthe uphithene ikhanda ngenxa yesimo angazi ukuthi uzosilungisa kanjani.
“Ngilahlekelwe imali yokugcina ngikhokhela uthishanhloko-mbumbulu, ngithenga nomfaniswano nokunye. Ngiphethwe nayikhanda ngoba ngihleli nengane engenasikole. Ngithatha ngiyabeka ukuthi ngizoyithini indaba yayo ngoba kulesi (isikole) ebifunda kuso, yanikwa incwadi eyigunyaza ukuthi iyofunda kwesinye isikole,” usho kanje.
Uveze ukuthi ibifunda u-Grade 9, iphasele uGrade 10.
Uthishanhloko wesikole iBizimali, uNkk Ntuli, uthe inkinga yokuqolwa kwabazali iqale nyakenye ngoJuni.
“Isinesikhashana iqalile. Saze senza nencwadi efungelwe emaphoyiseni, safaka nezaziso ezinkundleni zokuxhumana zesikole ngenhloso yokuqwashisa abazali,” kusho uNkk Ntuli.
Uthe izicelo abazamukeli online noma ngeselula.
“Umthetho wesikole uthi abazali kufanele bazifikele mathupha nezingane esikoleni. Kumele baphathe amaphepha abo, awabantwana, bese siwabukisisa ngaphambi kokuthi sithathe umfundi,” kuchaza uNkk Ntuli.
Uthe lokhu bakwenzela nokuthi bambone ngamehlo umfundi osuke efunelwa isikhala, babhekisise ukuthi ngeke yini abe wuhlupho.
“Sitholile ukuthi kukhona umuntu oqola abazali esebenzisa igama lesikole, ethembisa ukuthatha izingane. Siyabanxusa abazali ukuthi baqaphele imiyalezo esiyifaka ezinkundleni zokuxhumana zesikole, lapho siqhwashisa khona ngalo mkhuba,” usho kanje.
Uqhube wathi bayibikile inkinga eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Isolezwe lizamile ukuyishayela inombolo yomlisa oyiqola izikhawu kodwa yangena ku-voicemail.
IBizimali idume ngokwenza ezibukwayo ngemiphumela ka-matric, okudala ukuthi inqwaba yabazali, ilangazelele ukuthi izingane ziyofunda khona.
Nyakenye iphinde yagila izimanga njengoba ithole u-93.6%. Kuwona kukhona abaphase ngama-Bachelor abangu-300, kwathi abaphase ngama-Diploma babangu-80 kwathi abaphase ngo-Higher Certificate babangu-32.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal engatholakali ocingweni.