NKOSIKHONA CELE
USIZI lwenkinga yokungabi bikho kwamanzi egubazele uMasipala abaQulusi seluholele ekutheni kungenelele uMasipala wesiFunda saseZululand ngenhloso yobhekana ngqo nalesi simo.
Kuvela ukuthi uMasipala abaQulusi ubhekene nengwadla yenkinga yamanzi ebangelwa ukukhahlamezeka kwengqalasizinda okwenzeka ngesikhathi sezikhukhula.
Izolo, iMeya yaseZululand, uMnuz Michael Khumalo, inikezele ngosizo lwamaloli amane athutha amanzi ebaQulusini.
UKhumalo ugonyuluke ngale ngwadla ebhekene nabantu bakule ndawo, wathi okuye kube buhlungu kakhulu uma kungcwatshwa imindeni iye iwadinge kakhulu amanzi.
Uthe yingakho bebone kumqoka ukuba balufakele izibuko udaba lwenkinga yamanzi.
"Sithathe isinqumo sokuthi sinikeleke lo masipala ngamaloli amane okuthutha amanzi. Lokhu sikwenza ngoba siyaqonda ukuthi amanzi abaluleke kangakanani emphakathini," usho kanjena.
Eqhuba, uthe inkinga yamanzi kule ndawo yadaleka ngemuva kwezikhukhula athe yizona ezakhahlameza ingqalasizinda yamanzi.
Nakuba kunjalo, uthe bazibophezele ekutheni babhukule baqinisekise ukuthi bayayilungisa inkinga yamanzi.
IMeya kuMasipala abaQulusi, uMnuz Sifiso Mkhwanazi, ibonge ukutakulwa yiZululand.
UMkhwanazi uveze ukuthi nakuba befuna ukusebenzisa amaloli ngenhloso yokuphuthumisa amanzi ebantwini kodwa kukhona enye ingwadla yokungabi bikho esimweni esikahle kwemigwaqo.
Ugcizelele ukuthi basembhidlangweni wokulungisa imigwaqo ukuze kuzoba lula ukufinyelela kwentuthuko emphakathini okufaka phakathi ukusatshalaliswa kwamanzi.
Udalule ukuthi kunomhlangano ababe nawo noMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, wokubhunga kabanzi ngokungenziwa ukulungisa inkinga yemigwaqo.
Amalungu omphakathi akushayele ihlombe ukunikekelelwa ngamaloli.
UNkk Ntombenhle Mchunu uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi lawa maloli azoba usizo olukhulu.
Ngalo lolu suku kuphinde kwaklonyeliswa abafundi abenze kahle ku-matric bezikole ezahlukene ebaQulusini.