IMOTO: LAND ROVER DEFENDER
PHAMBILINI iLand Rover Defender bekwaziwa ukuthi yisiqwalantaba okwaziyo ukuthi ngeke nakancane uze ulale entabeni ngenxa yokuthi kukhona lapho esixakeke khona.
Ngikhumbula enye insizwa eyayixoxa ukuthi ngesikhathi isahamba ngayo uma nike naphazamisana yakubona kulula ukuthi ingavele ikududule ngayo usemotweni yakho ngendlela eyayiqine ngayo.
Nokho izinto zijikile kulena entsha ngoba isibukeka njenge-SUV yansukuzonke hhayi kuphela ukuthi ithengwa ngabafuna ukuyoqwala izintaba. Empeleni isivuleleke ebantwini abaningi abahlukene kwazise iphinde ihehe ngobuhle.
Yizintokazi ezisencane, abafana abancane, obhuti, obaba, omama nosisi nasebekhulile bonke isibaheha ngezindlela ezehlukene.
Sengize ngibone sengathi nababethenga iDiscovery phambilini kungenzeka ukuthi sebengena kuyo iDefender.
Yebo iseyiso isiqwalantaba ngoba izinsiza zikhona kodwa yi-SUV yansuku zonke. Ihlukene ngezinhlobo njengoba kunencane (90) enezicabha ezimbili, ephakathi nendawo elayisha abagibeli abayisihlanu (110) ne-130 (elayisha abagibeli abayisikhombisa).
Esihamba ngayo yiyo i-130 iX-Dynamic HSE. Ishaya ngombala omnyama, inkulu, iphakeme futhi yinde okuyenza igqame uma iqhamuka futhi ubone ngamehlo ebheka ngakuwe.
Uma uyibuka ngaphambili ungathi wumuntu obequkula izinsimbi ngoba yondlekile emakhwapheni. Ishaya ngamalambu angama-LED azidimayo uma kunemoto eqhamukayo ukuze ingaxhophi umshayeli ozayo.
Uma uyibuka ngohlangothi iwuhuntshu ngoba ayimfishane kwazise ingu-5 358mm ubude. Amasondo angawokuhamba nasogwadule ama all-terrain namarimu angu-20-inch bese kuthi ngemuva ibelethe eliyisipele.
Ngiyabuthanda ubude bezicabha okwenza kube lula ukungena nokuphuma. Uma usungaphakathi ubingelelwa yizihlalo zesikhumba nobukhulu bayo. Kunenqwaba yamakhosomba okubeka izinto njengasezicabheni, phakathi nendawo nangaphansi kwegiya. Ngaphansi kwendawo yokuphumuza ingalo ngijabule kabi ngithola ukuthi kunesiqandisi ngazifakela amakani kanemenayidi.
Isikhala lapho esishodayo ngesokulayisha izimpahla ngemuva njengakwezinye izimoto ezilayisha abagibeli abayisikhombisa. Kuba ngcono uma ulalisa izihlalo ungahambi namuntu.
Ngisekuzo izihlalo zangemuva, ukunyelela kuzo kuwubala ngoba eziphakathi zigoqeka kalula bese ziya phambili. Ngikuthandile nokuthi kuyahlaleka kuzona akuzona nje ezezingane ezincane. Phakathi nendawo kunephaseji uhlala unabe. Kuhle futhi nokuthi kunezindawo zokubeka iziphuzo, ezokushaja futhi izihlalo ziyafudumala.
Nakwezaphakathi nendawo awuzisweli izimbobo zokushaja.
Ngaphambili ishaya nge-touchscreen infotainment system ewusayizi okahle eveza imininingwane eminingi ngezansi. Nokuningi ukwenza khona futhi.
Amabhathini ungabona sengathi maningi ngezansi kodwa amanye enza izinto eziningi ezahlukene.
Kufana nalawa asesiteringini okulula ukuwasebenzisa. Sengicishe ngakhohlwa yi-panoramic sunroof enkulu engenisa ukukhanya.
I-Defender inkulu impela ubukhulu bayo uyabubona futhi uyabuzwa uma usuhleli phakathi. Kodwa isiZulu sithi, akukho ndlovu yasindwa wumboko bayo.
Injini yayo engu-3.0 litre turbo kadizili inamandla angu-257kW ne-torque engu-700Nm. Amandla ayo uwezwa uma isuka ukuthi akhona njengoba bethi iyashesha ukungena ejubaneni. Kubo kwayo bathi kuthatha imizuzwana engu-6.8 ukusuka ku-0 iye 100km/h. Nokukhuphuka eNdundulu bekuba wubala ngibe ngidlula amaloli emaceleni.
Emgwaqweni intofontofo ungathi uhamba emafini ngenxa ye-air suspension yayo. Igabade ilishiye ngo-218 okwenza uwubone kahle umgwaqo.
Ngiyakuthanda ukuthi ithangi likadizili likhulu lingu-89 nokwenza uhambe ibanga elide ngaphandle kokwetha. Ngiyibone iveza ukuthi idla amalitha angu-10.4 ngo-100km. Yinto enkulu kuneVW Touareg engathi ngiyahamba ngayo yadla 8.1l/100km.
Njengoba ngishilo ekuqaleni ukuthi yize kuyiSUV yansukuzonke kodwa ayinqeni ukufingqa imikhono iqwale izintaba. Lokhu ikwenza ngokuthi iphakame ngo-293mm. Kukhona nama-drive modes ahlukene, low range ne-diff lock. Ngiyayithanda indlela eveza ngayo kwi-screen amakhamera ngaphandle asiza ungashayisi noma ufuna ukuveza izinsiza ezidingeka uma ugudla ehlathini iyaziveza.
Intengo:
Land Rover Defender X-Dynamic HSE - R2 062 200 (R2 143 721 uma usufaka okwengeziwe)