WAYELUBALUBELA ukuzuza amathenda kamufi ummangalelwa wesibili ecaleni lokusocongwa komlandeli omkhulu kaZandile Gumede, uMnuz Siduduzo Innocent Magwaza.
Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, iJaji uSharmaine Balton lisaqhubeka nokubuyekeza ubufakazi obethulelwa inkantolo ngaphambilini kuleli cala.
Ummangalelwa wesibili kuleli cala nguMnuz Mxolisi Percy Hadebe oboshwe nommangalelwa wokuqala, uMnuz Sphamandla Makhanya.
Laba bobabili basolwa ngokuba ngongqondongqondo ekuthungweni kwetulo lokusocongwa kukaMagwaza.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwashiya abantu abaningi beshaqekile ukusocongwa kukaMagwaza.
Umufi washonela esibhedlela ezintathakusa ngemuva kokuba edutshulwe ngamadoda amabili angaziwa esemzini wakhe eCornubia ngoJanuwari 12, 2021
Izolo iJaji uBalton lithe kunobufakazi obethulwa ngaphambilini obabuvezela inkantolo ukuthi ummangalelwa wesibili wayesesho amashushu ngokuthi agixatshezwe yena wonke amathenda ayekade esesandleni sikamufi.
Ijaji lithe ufakazi owayekhuluma ngalokhu wathi ummangalelwa wesibili wayelubalubela wonke amathenda kamufi ekubeni kungakapheli ngisho izinsuku ezimbili ebulewe uMagwaza.
"Ummangalelwa wesibili, ngokusho kukafakazi, wathi wayekukhuluma ebantwini ukuthi angakujabulela kangakanani ukuthi amathenda abesezandleni zikamufi agcine esewela kuyena,'' kusho ijaji.
Lo fakazi kuthiwa wathi noma engasawatholanga-ke wonke amathenda kamufi kodwa leli lokupenda angalijabulela kakhulu, kumele alithole lona noma ngabe kumnyama kubomvu.
Enkantolo akuvelanga ukuthi leli lokupenda lalimayelana nokupenda ziphi izindawo.
Kuvele ukuthi kukhona nothile owayenolwazi olunzulu ngokukhishwa kwamathenda okuthiwa wanxenxwa ngummangalelwa wesibili ukuba amlekelele ukuze ahlabane ngamathenda kamufi.
Kuphinde kwavela nokuthi abamangalelwa bobabili kunesikhathi lapho abaya khona enyangeni ngezizathu ezahlukene.
Ummangalelwa wokuqala kuvele ukuthi waya enyangeni ngoba nakhu eyofuna “ukugezwa” ngoba ethi kusuke kwabulawa umuntu osondelene naye ekhona.
Kuthiwa waya enyangeni ngoba nakhu wayefuna imgqihise ngoba inkukhu yayiwusola umgqakazo ukuthi kungenzeka kube khona abamcathamelayo.
Kuvele ukuthi yena lo mmangalelwa waya enyangeni ngoba efuna ukuthola usizo ukuze ezothola umsebenzi okuyinto atshela inkantolo ukuthi nebala yagcina yenzekile.