UBEGODLE ibhomu abezolidedela uma esethula isabelomali eyokunyuswa kwentela ekhokhwa uma uthenga izimpahla kuleli, i-Value Added Tax (VAT), uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana.
Lesi simemezelo sigcine singenzekanga njengoba kugcine kungahlalanga ukwethulwa kwalesi sabelomali ePhalamende ngoLwesithathu ntambama, ngenxa yokungavumelani emhlanganweni wayizolo oyisipesheli weKhabhinethi ehlanganisa amaqembu ahlukene ngokuthi i-VAT inyuswe ngo-2%.
Ukunyuswa kwale mali bekuzoshaya kakhulu abathengi nabantu jikelele abathenga impahla njengoba ibizosuka ku-15% iye ku-17%, kusuka ngo-Ephreli 1.
I-VAT yagcina ukunyuswa isuka ku-14% yaya ku-15% ngo-2018.
UGodongwana utshele abezindaba esithangamini eKapa, izolo, ukuthi ukungavumelani ngezinto ezithile, okufaka no-2% we-VAT yikhona okuhlehlise ukwethulwa kwesabelomali.
Uthe akukho okubi ngokuhlehla kwesabelomali ngoba njengoba engungqongqoshe, unalo ilungelo lokwenza lokhu.
“Kunezinto esingavumelani ngazo yingakho kudingeke sihlehlise ukwethulwa kwesabelomali. Indaba ka-2% we-VAT ngenye yazo kodwa ayihambi yodwa ngoba bekudingeke sivumelane ngokuthi sizoyithathaphi imali yokwenza zonke izidingo.
“Kumele sikhethe ukuthi siyaphinde siyoboleka imali noma sinyusa intela, noma sinqume ezinye zezinto ukuze sikwazi ukuba nemali yokwenza izinto ezidingekayo ezweni,” kusho uGodongwana.
UGodongwana uthe ubeyigcine kuyena eyokuthi i-VAT izonyuswa ngamalini.
“Emasontweni amabili ngathulela iKhabhinethi ukuthi isimo singase sibheke kuphi ukuze sikwazi ukuthola imali. Asizange sizifake izibalo ngoba kwakusekude, le ndaba yabe isiputshuka yafinyelela kwabezindaba ngamalungu eKhabhinethi ayesemhlanganweni. Ukube sasishilo ukuthi sihlela ukunyusa i-VAT ngamalini, ngabe umsindo mkhulu kakhulu,” kusho uGodongwana.
Uthe bazobuyela ezingxoxweni mayelana nesabelomali, wathi kodwa okwamanje sihlehlele ukuthi asethule ngoMashi 12, 2025.
Phakathi kwezinto ebezizomenyezelwa nguGodongwana mayelana nokunyuswa kwe-VAT ngo-2%, bekuwubhekela abasebenzi bahulumeni okubalwa othisha nodokotela, ukuphucula i-Early Childhood Development (ECD), ukuvuselela olayini abahamba izitimela, ukunyusa izibonelelo zikahulumeni nezinye izinhlelo.
Izwe libhekene nenkinga yokungakhuli komnotho, izibalo eziphezulu zabangasebenzi, abantu abambalwa abakhokha intela ekubeni sanda isibalo sezidingo.
Kunenkinga yesikweletu esikhulu sezwe ngenxa yokulokhu kubolekwa imali ukuze kukhokhelwe izidingo ezifana nezibonelelo zabadala, abangasebenzi, isondlo sabantwana, izinkinga zemali eminyangweni ehlukene; kwezemfundo nowezempilo kanjalo nezinye izidingo.
Kuleli babalelwa ku-7.4 million abantu abakhokha intela ekubeni abantu bakuleli babalelwa ku-62 million.