KUSALINDWE ummeli ukuba aqale axoxisane nowesifazane osolwa ngokusoconga indodakazi yakhe ngoba eyidlalele umshwalense.
UNksz Ncamisile Evarista Hlophe ubekwe uMbuso icala lokubulala ngenhloso indodakazi yakhe eneminyaka engu-14, uLuvuyo Tafadzwe.
Lo wesifazane ubekade evelile kafushane enkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.
Isigameko kusolakala ukuthi senzeka emzini wakhe uNksz Hlophe oKwaMashu ngoJuly 22, 2024.
Kuvela ukuthi ummangalelwa wabiza amaphoyisa wawazisa ukuthi indodakazi yakhe uyifice seyishonile endlini kade engekho.
Wazisa amaphoyisa ukuthi umufi ubekade esanda kuphuza amaphilisi ekhanda wacambalala akabange esavuka emva kwalokho.
Kuthiwa okwaxaka ngukuthi isidumbu sikamufi satholakala sinenxeba elibi kakhulu ngemuva kwekhanda, futhi eshonele khona lapho.
Ngemuva kwalokho unina wabe esekhalelwa ngamasongo kasigonyela ngo-August ngemuva nje kwenyanga kushone umufi.
Enkantolo ngaphambilini kwahlaluka ukuthi umphenyi wecala kanye namaphoyisa bathola ukuthi umufi wabulawa hhayi ukuthi washona kade ephuze amaphilisi.
Kwavela ngaphambilini futhi ukuthi omakhwelwane bawuzwa umsindo kamufi ngezithuba zasekuseni ehayiza, kodwa bangaqonda ukuthi kwenzakalani.
Kuthiwa inkukhu yawusola umgqakazo uma sebethola izindaba zokuthi indodakazi ibulewe.
Ngesikhathi ligcina ukuhlala enkantolo leli cala, lahlehliswa uMbuso waveza ukuthi idokodo alifinyelelanga enkantolo.
Kwahlaluka nokuthi leli cala selisezandleni zeProvincial Task Team.
Izolo umsolwa ungene enkantolo ebonakala njengomuntu odidekile.
Ummeli kamsolwa uMnuz Siya Mncube, utshele inkantolo ukuthi isadinga isikhathi sokuqale axhumane kahle nomsolwa ngaphambi kokuba leli cala liqale ukuqulwa.
IMantshi ivumile yathi lokho kubaluleke kakhulu ukuba makwenzeke yabe seyithatha isinqumo sokuba leli cala ilihlehlisele uMeyi 19.