USEYAQALA ukuthola indawo enhliziyweni yomqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, umdlali waphambili obolekwe kwiKaizer Chiefs, uChristian Saile, odabuka kwelaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
Ngesikhathi uHunt ekhuluma nabezindaba kulandela ukucoboshisa iChiefs ngo 4-1 koweligi eNasrec ngoLwesibili, uphumele obala ngokutshelwa kwakhe ukuthi usenomdlali omusha uSaile okufanele amphendlele indawo.
USaile (25) usayine kwiSuperSport emasontweni adlule kodwa ube nesandla ekubhudluzweni kweqembu abolekwe kulona ngokushaya elinye lamagoli.
Ukuhamba kukaSaile kwiChiefs, kuxhumene nokufika kukaTashreeq Morris kuyona, obegadlela ezikaHunt ngaphambi kokuvuleka kwewindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.
Emidlalweni emine yeligi kusukela uSaile efikile kwiSuperSport, useyishayele amagoli amabili.
Kukulesi sithangami nabezindaba lapho uHunt eqinisekise khona ukuthi uSaile bambolekile kwiChiefs.
“USaile umdlali esingakaze simphuphe ekwiSuperSport kodwa uma abaphathi beqembu bekutshela ukuthi nangu umdlali, kufanele umsebenzise ngeke ubaphikise,” kusho uHunt.
“Ngatshelwa ukuthi uMorris uyahamba ngakho-ke nangu uSaile ngizobona njengomqeqeshi ukuthi ngiqinisa kuphi ngaye lapho ngishoda khona.
“Kuliqiniso ukuthi ngafunzwa uSaile kodwa-ke ngineme kakhulu ngendlela afike nomfutho nokuzimisela ukulalela ngayo.
“Abadlali abafika besuka emaqenjini athathwa njengamakhulu abafuni ukutshelwa kodwa yena uhluke kakhulu kulokhu okujwayelekile.
“Ngiyamjabulela ukuthi usenamagoli amabili okuyinto ekhuphula ukuzethemba kwakhe. Ngiyavuma kusenezindawo okusafanele asebenze kuzona njengabo bonke abadlali kodwa iqiniso ukuthi akayena umdlali wethu simbolekiwe isikhathi engingenalo ulwazi olugcwele ngaso,” kusho uHunt.
ISuperSport ibiqala ukuwina kulo nyaka kwazise ilandelwe irekhodi lemiphumela emibi nokulinyalelwa abadlali abamqoka njengoBradley Grobler, Grant Magerman, noThulani Hlatshwayo.
“Sikunombolo-12 kwi-log nje, kusifanele ngoba silinyalelwe umgadli okuwuGrobler, uMargerman owakha amagoli noHlatshwayo osivimbela izitha.
“Ayikho inkinga ebhekene neSuperSport kule sizini ngaphandle kokungabibikho kwalaba badlali abawumgogodla walokhu esizama ukukwenza.
“Ngifisa lo mphumela uvukuze okuthile kubadlali ukuze siqale ukunombela kwi-log sisondele ezindaweni esicabanga ukuthi zisifanele,” kusho uHunt.