UCUBUZE amagabade kubalandeli umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, kulandela impoxo yesibhaxu esibuyisele leli qembu kwamhlaba elisithole kwiSuperSport United koweBetway Premiership ngoLwesibili, e-FNB Stadium, eNasrec.
Okwenza lesi sibhaxu sibe buhlungu kakhulu kwabeChiefs ukuthi amagoli amabili kwamane iSuperSport ebanenebule ngawo, amabili awo ashaywe oSamir Nurkovic waseSerbia noChristian Saile waseDemocratic Republic of Congo (DRC), bobabili abalethwa Amakhosi ebholeni laseNingizimu Afrika.
Lo mphumela mubi kunayo yonke kule sizini kwiChiefs efike emdlalweni ihambela phezulu ngamawini elandelana kwiligi nakwiNedbank Cup.
Ngaphandle kobubi bawo uphuthisele ezikaNabi ngethuba lokuzisondeza emaqenjini okwamanje abukeka sengathi asembangweni wesicoco seligi.
Lo mqeqeshi waseTunisia uthe akayena umuntu obalekayo uma kubheda uhlelo futhi akakholelwa ekucasheni ngesithupha kodwa kulokhu abafana bakhe kufanele bavikelwe.
“Akukhona ukuthi ngiyacasha kumbe ngiyabavikela kodwa bonke abadlali bebekhathele kulo mdlalo kanti iqembu ebesibhekene nalo bese linesikhathi liphumule,” kusho uNabi esithangamini nabezindaba.
“Ngiyaxolisa kubalandeli. Ngiyabaxolisela nabadlali. Ngokwami bazame konke abebenamandla okukwenza kwasho khona ukuthi imizimba nengqondo kukhathele.
“Ngiyaqonda ukuthi lo mphumela ubaphule izinhliziyo abalandeli beChiefs futhi bekufanele. Nakithina yinto efanayo ikakhulukazi kimina. Lo mdlalo akufanele sizikale ngawo ukuthi sesihambe ibanga elingakanani kusukela siqalile ukusebenza.
“Izinto ezifana nalezi ziyenzeka kunobhutshuzwayo ngakho-ke ngishaya indesheni ngiyacela ukuthi abalandeli ukuthi bangadikibaliswa yilo mphumela ngoba akuyona into eyohlale yenzeka.
“Ngiyazicelela nokuthi bangayeki ukusilandela emidlalweni elandelayo ngoba ngaphandle kwabo asilutho. Ngiyazi abalandeli beChiefs bayawubona umsebenzi owenziwayo.
“Siyakwazi okufanele sikwenze ukuze sibuyise isithunzi seqembu futhi ngikholelwa ekutheni sisemgqeni wokufinyelela lapho siphupha ngokufika khona,” kulandisa uNabi ocelele abadlali bakhe kwabezindaba ukuba lingaqiniswa kakhulu kubona ipeni.
IChiefs iqede lo mdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaGaston Sirino.
Kuyinkinga lokhu uma uzokhumbula ukuthi umdlalo weChiefs weligi olandelayo usekuhambeni neMamelodi Sundowns.
Bekufanele idlale neRoyal AM kodwa lokhu ngeke kwenzeke ngenxa yezizathu ezaziwayo osekuzokweqisa uSirino umdlalo omqoka weChiefs.
“Sizobaphumuza abadlali ngoba kucacile ukuthi kumqoka ukuthi sikwenze lokho bese ngesikhathi esifanele siqale silungiselele umdlalo olandelayo,” kusho uNabi.