INSIZWA edume ngelikaMshikashika Kathayelakunomoya ibukeke ingenamsebenzi ngokulahlwa yinkantolo ngamacala okubulala abantu abangu-9 eMlaza ngo-Agasti 2023.
Lowo nguSphamandla Dhlomo (25) obethweswe amacala awu-13; kuwona okukhona awokubulala abantu abayisishiyagalolunye, amabili okuzama ukubulala, elokugqekeza nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Wendisela koyisemkhulu oMlungisi Zuma, Phakamani Sibusiso Dlamini, Maxwell Sibisi, Regional Bongimpilo Ngema, Thabani Ngcobo, Mhlengi Khathi, Ayabongwa Mbayise, Sifundo Sibusiso Dlamini noSifiso Cele.
Izolo iNkantolo eNkulu yaseThekwini imthole enecala lokubulala bonke abafi yaphinde yamthola enecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokugqekeza.
Ngesikhathi iJaji u-Esther Johanna Steyn limlahla ngamacala ubebonakala engenandaba uDhlomo futhi wangakhombisa nokuncane ukukhathazeka okanye ukuzisola. Udaba oluphelele kwiSolezwe ngoLwesihlanu.