ABADLALI beRoyal AM kubikwa ukuthi babuyele ekuzilolongeni ngemuva kokuthi kuphumelele isicelo sikasomabhizinisi waseThekwini sokuthenga iqembu likaShauwn Mkhize.
Lo somabhizinisi uqokwe ngabakwaSportswire njengoRoy Moodley, umholi we-African Movement Congress futhi engumngani omkhulu kalowo owayengumengameli uJacob Zuma.
UThwihli Thwahla ulokhu enkemile kusukela ngoJanuwari, akakaze adlale nowodwa umdlalo ngo-2025 kulandela izindaba zokuthi le kilabhu isithathwe wumphathi wakwaSARS ngenxa yentela ka-R40 million uMkhize ayikweletayo.
Emuva kohlelo lwamathenda olubone izicelo zeLungu lePhalamende loMkhonto weSizwe uDavid “Mazolman” Skhosana kanye nomtshali-zimali wangaphandle omataniswa noNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie, uMoodley uzuze ilungelo lokuba ngumnikazi weqembu, ngokusho kweSABC Sport.
Ubunikazi obusha beqembu bungaphansi kokugunyazwa yikomidi eliphezulu lePremier Soccer League. Ikilabhu izophinde ihlale eKZN, nakuba kungakacaci ukuthi izodlala imidlalo yayo yasekhaya eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu noma izinze eThekwini.