UKUBONA inkinga yokushoda kwamanzi emiphakathini ehlukene, ngenye yezinto ezenze inkampani yeziphuzo, okukhona kuzo nomkhiqizo wamanzi i-aQuelle yabona kukuhle ukuthi kube khona ekwenzayo ukuzama ukuxazulula leyo nkinga.
Yilokho okwenze le nkampani yanikezela ngamanzi emphakathini waKwaNdengezi, eThekwini, ukuqinisekisa ukuthi imindeni yendawo, obese kungekhona okokuqala ikwenza njengoba yenza okufanayo futhi eMlaza, Thongathi, Greytown, Msunduzi, Phoenix naKwaDukuza.
Le nkampani iphinde yanikela ngamathangi amanzi awu-25 emphakathini owadingayo, ithangi ngalinye lingamalitha awu-5 000, anikezela ngamanzi ahlanzekile ezikoleni nasemphakathini. Ithangi lokuqala lifakwe e-Aldinville Primary, KwaDukuza, ukuqinisekisa ukuthi izingane azilovi esikoleni ngenxa yokungabi nawo amanzi.
Umqondisi we-aQuelle uMnuz Michael Ngubane uthe lokhu kuyisinyathelo esihle ikakhulu njengoba kukade kuyiWorld Water Day ngoMashi 22, usuku lokugqugquzela ukuthi abantu baphuze amanzi, nokuthi kuqikelelwe ukuthi wonke umuntu uthola amanzi ahlanzekile.
“Ukuthola amanzi ahlanzekile nokuphephile ukuwasebenzisa kuseyinselelo enkulu emphakathini wasezindaweni ezahlukene, okuphinde kwabhebhethekiswa nayinkinga yezikhukhula esezivame ukuhlasela, yingakho sibone kumqoka ukuthi kube khona esikwenzayo ngalokho ukuzama ukwenza umehluko kule nkinga,” kusho uNgubane.