UGABISILE Tshabalala noNicholas “Nick Soul” Nkuna ngabanye babalingisi abazoba yingxenye yomdlalo i-Muvhango ekhonjiswa phakathi nezinsuku kwi-SABC2.
UGabisile uzoqala ukubonakala kulo mdlalo ngoJanuwari 21 elingisa indawo kaBubbles Mosipidi, owamukela izivakashi enkampanini iHanyani Holdings.
UNicholas uzoqala ukubonakala kulo mdlalo ngoJanuwari 24, elingisa indawo kaKhalema Semenya, ongumzala kaDr Ximba nomalume kaSakhile, osanda kudedelwa embuthweni wamasosha ngemuva kwezinsolo ayebhekene nazo ezingaqondakali.
Ekhuluma ngendawo azoyilingisa uGabisile uthe uhlabeke umxhwele ngendlela izinto ezenzeka ngayo kuyo njengoba ihlukile.
“Ngifike ngamukeleka ngezandla ezifudumele kulo mdlalo, lokho kwenze inhliziyo yami yajabula. Uvalo uma uyosebenza nabantu abasha into ekhona. Kodwa ngifike ngamukeleka ngendlela nami ebengingayilindele.
“Uthando abasebenzi engifice benalo bebodwa kuyinto engajwayelekile. Okuphinde kwangihlaba umxhwele ukuqeqeshwa esikutholile nokuyinto engenziwa kweminye imidlalo. Lokhu ubaba uDuma Ndlovu akwenzayo kubalingisi bakhe kumele kushayelwe ihlombe, kuhle,” kuchaza yena.
Uthe yize kulo mdlalo ezovala isikhala somunye uzimisele ukwenza konke okusemandleni ukuthi abantu bangakuboni lokho.
“Kunzima ukuzoqhubeka ulingise indawo yomuntu obevele ekhona emdlalweni isikhathi eside futhi. Kuba ngcono uma esemusha. Ngithemba ukuthi ababukeli bazobona uBubbles, abamjwayele bangangijaji bangifanise nomlingisi oshiye le ndawo.
“Izinto ngeke sizenze ngokufana, kusamele ngijwayele abalingisi engisebenza nabo eduzane kona okuvele kwaba lula, ababukeli nabo ngiyanxusa babe nomusa uma bebuka le ndawo,” kuchaza yena.