NGEKE ize idlise ngabalingisi abasha abaningi isizini yesithathu yomdlalo i-Adulting osekuvele ukuthi izoqala ukukhonjiswa ngoJanuwari 25 kwi-Showmax.
Iziqephu ezintsha zalo mdlalo zizongena njalo ngoMgqibelo.
Kule sizini kulindeleke ukuthi kugqame abalingisi abazakhele igama emdlalweni i-Scandal, uMathew Ramotsa noMapaseka Koetle.
UMapaseka kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaNaledi.
UNaledi intokazi ezodonsa amehlo kaMpho (Thabiso Rammusi) osanda kuhlukanisa nonkosikazi wakhe.
Ekhuluma ngokuzobonakala kule sizini uThabiso, uthe okumjabulisayo ukulingisa emdlalweni othinta abantu abaningi njengoba beveza izinto ezenzeka emiphakathini.
Uveze ukuthi uyakholelwa ekutheni yena nozakwabo kuningi abakwenzile ukufundisa ngalo mdlalo.
“Lo mdlalo uveze ukuthi iningi labantu besilisa liphila kanjani. Ngakho kusho lukhulu kimi ukushutha amasizini amathathu. Eziqeshini ezintsha ezizayo uMpho uzogqama njengomuntu ozama ukulungisa impilo yakhe ngemuva kokuphela komshado wakhe.
“Ngeke kugcine lapho, kuzoshintsha izinto ngomngani wakhe uBonga (Thembinkosi Mthembu), ubehlala ewusizo kwabanye uma bemdinga. Ngenxa yokuthi usenomndeni, kulokhu uyena ozobe edinga abangani bakhe kakhulu futhi uMpho uzoba seduzane kwakhe ngaso sonke isikhathi,” kuchaza yena.
Uthe akufundile kulo mdlalo ukuthi abantu besilisa kumele babe neqiniso ikakhulukazi ebantwini abashade nabo.
Uveze ukuthi naye ufundile ukuthi uma ungathembekile kumlingani wakho emshadweni, izinto zingabheda nomshado ugcine uphelile.
Abalingisi okukhona kubo uLuthando BU Mthembu (Vuyani) noNhlanhla Kunene (Eric) bakhuza ibuya kulo mdlalo.