BEKUTHI uma ecela uyise ukuthi amthengele okuthile njengendodakazi yakhe, amphendule ngokumbuza ukuthi yena yini azomnika yona ekugcineni, umgilwa okuvela ukuthi uyise umdlwengule waze wamkhulelisa ngasekupheleni konyaka odlule.
Isolezwe lizwe lokhu ngesihlobo sikamgilwa (19) waKwaMakhutha, eThekwini, izolo ecaleni ebeliseNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, lapho bekuvela khona (ummangalelwa) ezocela ibheyili.
Kuhlaluke ukuthi umlisa uyisishoshovu esivutha ekhaleni kwi-MK Party endaweni futhi oyilungu le-Community Policing Forum (CPF) elingabubheki ukubugebengu endaweni.
Ngesikhathi evela ngaphakathi enkantolo, kuvele ukuthi kusasilele ukuqinisekiswa kwekheli alilethile, athe angayohlala kulo uma kwenzeka ededelwa ngebheyili.
Ngaleso sizathu inkantolo ibe isikuhlehlisela ukuthi kulalelwe ngoLwesithathu oluzayo ukucela kwakhe ibheyili.
Silandisa ngesehlakalo isihlobo sithe, isehlo lapho umsolwa akhulelisa khona umgilwa senzeka phakathi kuka-Agasti,noSepthemba ngonyaka odlule, kodwa wangabika ngaso ngaleso sikhathi.
“Ingane wayeyisabise ngokuthi uma ike yasho uzoyibulala,” kuchaza isihlobo.
Sithe baze basola ukuthi kukhona okwenzekile ngoDisemba, ngesikhathi umndeni ubamba izinkulumo zikamgilwa nomsolwa kwiselula.
Sithe kwabanjwa umyalezo umgilwa ayewuthumela uyise ethi: "Inkinga wena baba uma ngikuvakashela uvele ufune ukulala nami.“
Sithe kuyo le ngxoxo bathola ukuthi umgilwa wayecela isikibha sesikole umsolwa wambuza ukuthi uma emthengela sona yena uzomnikani.
Sithe ngaleso sikhathi umgilwa akavezanga ukuthi uyise umdlwengulile, kanti uyise kwathi uma ebuzwa, waphika walala ngomhlane.
Uthe bagcine bethola kule nyanga ukuthi umsolwa wamdlwengula umgilwa ngesikhathi bebamba ukuthi ukhulelwe, wase egonyuluka ngokuthi ukhuleliswe nguyise.
Isolezwe lithole ukuthi ngosuku okuthiwa kwenzeka ngalo isehlo, umsolwa waqamba amanga wathi ucela umgilwa ake avakashe ngoba kukhona abanye abazala bakhe abakhona ekhaya.
“Yaya ingane, yafica ehleli yedwa, wayidlwengula lapho,“ kusho isihlobo.
Siveze ukuthi ngesonto eledlule umgilwa ugcine elekelelwa ngabezempilo ukuthi asikhiphe isisu njengoba esabise ngokuthi uzozibulala uma esigcina ngenkani aze azale ingane yokudlwengulwa.
“Usibulale siphila, ingane ibizigqaja ngobutshitshi bayo, ize isho ukuthi ifuna ukuzigcina ize ibe neminyaka engu-21,” kusho isihlobo.
Isihlobo siveze ukuthi isehlakalo simthikameze ngisho nasesikoleni umgilwa njengoba kufanele engabe useqalile ukufunda u-Grade 12.
Enkantolo bekugcwele amalungu e-MK. Kuwona bekukhona abezokweseka umgilwa, amanye ezokweseka umsolwa.
UMnuz Mandla Chiliza, onguSihlalo wenhlangano edlelana ne-MK, i-Progressive Civics Congress (PCC) uthe bazwelana nomgilwa.
“Asihambisani nezimo ezinjena. Asisho ukuthi kukhona isinqumo esesifike kusona esithi kufanele noma akufanele. Sizokweseka umgilwa ngoba kulichilo okwenzekile kodwa sizoyeka ingalo yomthetho isebenze,” kusho uChiliza.
Uthe ziyabakhathaza izigemegeme ezifuze lezi. Uqhube wathi balinde amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo, angayinikwa ibheyili umsolwa uma kutholakala ukuthi uyingozi.
“Uma uyilungu lenhlangano akusho ukuthi unelungelo lokuhlukumeza. Njengobuholi siyaziqhelisa nezehlakalo ezinje. Noma angaba yilungu lomphakathi noma leqembu, umthetho kufanele usebenze,” kusho uChiliza.