ISIPHENDUKE indaba egudwini oFafa, eXobho, eyokungahlali endaweni kwenkosi yabo ethi isabela ukuphepha kwayo kwayibangisa ubukhosi.
Abantu basoFafa bathe ukungahlali endaweni kweNkosi uVela Dalicebo Ndlovu kujamise imisebenzi eminingi yesizwe.
Abantu basendaweni abakhulume neSolezwe, bathe sebefunga yena uNdlovu njengoba behlawumbekisela ukuthi wagcina ukuhlala endaweni ngo-2018.
Abasebukhosini bathe nabo uNdlovu usebehlule, kanti yena uNdlovu ukhala ngokuthi uyanyundelwa yilabo abambangisa isihlalo sobukhosi.
Isakhamuzi esicele ukuba igama laso lingadalulwa, sithe sekunesikhathi eside uNdlovu engabonakali esizweni.
“Sinenkinga lapha yokuthi sekuneminyaka inkosi singayazi. Inkosi ihambe ihlala, ihlala noma ikuphi. Sike sizwe ikhonjwa koKokstad, ibuye ikhonjwe ngapha koMandeni. Uma kwenzekile yaqhamuka lapha, isuke nje idlula.
“Njengoba ingekho nje, kunezinto eziningi ezimile. Sizibona sisele dengwane njengesizwe. Inkosi ayisazibizi izimbizo, ayiwahambeli amacala. Kuningi nje engasakwenzi.”
Esinye isakhamuzi sithe inkosi ayisabonakali ngisho emcimbini waminyaka yonke owenziwa ngoDisemba, obizwa ngegusha.
“Ngonyaka owedlule sasikhona isihlalo sayo inkosi kodwa yangafika. Undlunkulu (umama omdala wenkosi) waze washo ukuthi nabo sebehlulekile, wathi asizibonele ukuthi senza njani.”
Lesi sakhamuzi sithe sebezamile ukulubika udaba ebuholini bomdabu KwaZulu-Natal kanye naseMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, kodwa abalutholi usizo.
UNdlovu wangena esihlalweni ngo-2016, ethatha kuNdlunkulu uThokozile Nene Ndlovu, owabamba ubukhosi balesi sizwe iminyaka engu-25.
Undlunkulu uvumile ukuthi kunezikhalazo ngenkosi, wathi nabo njengomndeni sebechithe amanzi.
“Siyazama nathi singamalungu omndeni kodwa uyasehlula. Inkosi ayizi kwakhona enkantolo futhi ayibakhathalele abantu. Ngingasho nje ukuthi akayinikwanga noma akayiphiwanga le nto yokusiza abantu ngoba uyazihlalela nje ekubeni abantu besenkingeni.”
Undlunkulu uthe uNdlovu kuyenzeka nje afike ekhaya, alale usuku olulodwa bese eyadlula. Uthe uNdlovu uvele avike ngokuthi ubangiswa ubukhosi uma bethi bazama ukumbonisa.
Ethintwa yiSolezwe, uNdlovu uthe akusilona iqiniso ukuthi akawenzi umsebenzi wakhe.
Uvumile ukuthi sekunesikhathi eside engahlali endaweni ngenxa yokuthi usabela ukuphepha kwakhe, kodwa wathi lokhu akumphazamisi ekutheni enze umsebenzi wakhe.
“Ngiyaqhubeka nokuhambela imihlangano yanyanga zonke, ngiyaya emacaleni. Ngeke ngiye emacaleni uma engekho. Ngiyaqhubeka nokuhambela imihlangano yamakhosi.”
UNdlovu usole undlunkulu namanye amalungu omndeni ngokukhuluma kabi igama lakhe.
Uthe vele yena wakhula ecashisiwe, ehlala komalume eMandeni, emva kokubulawa kwenkosi emzalayo.
“Namanje angizizwa ngiphephile ekhaya. Le nto ngayichaza.”
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe basazophenya ngalolu daba.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Sifiso Shinga, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.