UMPHAKATHI waseGamalake ku-ward 5 ePort Shepstone uthi uphila esimweni esibeka impilo yabantu engozini ngenxa yokuthi sekuphele izinyanga udoti ungaqoqwa kule ndawo.
Ukungaqoqwa kukadoti kulandela ukuthi abasebenzi bakaMasipala iRay Nkonyeni bedube ukusebenza ngenxa yemali abathi bayikweletwa yilo mkhandlu ongaphansi kwesifunda uGu.
Amalungu omphakathi, angathandanga ukudalulwa amagama awo, atshele iphephandaba ukuthi amalungelo abo awanakiwe.
"Akusiyo into okufanele engabe iyenzeka lapho kuhlala khona abantu ngoba izodala izifo ngenxa yokungcola okuxakile. Ukunganakwa kwamalungelo ethu njengomphakathi kuyadumaza kakhulu," kusho isakhamuzi.
Bathe kukhona ababekade bezama ukuziqoqela udoti kodwa bahlangana nezimbila zithutha.
"Into embi nje eyehlele elinye ilungu lomphakathi ngesikhathi bezama ukuziqoqela udoti, lihlaseliwe, kwashiswa umuzi walo, lihlaselwa abasebenzi abatelekile.
“Ikhansela lendawo alikaze libize ngisho umhlangano womphakathi ukuzoxoxa ngalesi simo," kusho esinye isakhamuzi.
Omunye wabahlali uthe bayacela kuhulumeni ukuthi baxazulule inkinga ngokushesha. Uthe babukelwa phansi kodwa bebe bevota kanti okubi wukuthi nezikole zivuliwe njengoba kuqhubeka isimo futhi sizogcina sixosha osomabhizinisi endaweni.
Ikhansela lendawo, uMnuz Rodney Gumbi, lithe ngeke liwasole amalungu omphakathi ngokunengeka ngalesi simo esiyinkinga.
"Abantu uma bephatheke kabi ngeke ngibasole. Sinethemba lokuthi kuleli sonto sizophuma nesivumelwano nenyunyana yabasebenzi. Ngiyaxolisa, isimo besingaphezu kwamandla ami, ngiyazithoba kakhulu emphakathini futhi ngiyaxolisa kakhulu. Umasipala uke waqasha imoto kodwa amalungu omphakathi ayishisa," kusho uGumbi.
Uthe kulezi zinsuku ezedlule ubehamba namavolontiya beshisa wona udoti futhi bayafaka okwenzekayo nasezinkundleni zokuxhumana eziningi ukubeka abantu esithombeni ngokuqhubekayo.