I-IFP ikhuza ukudonsisana phakathi kwamaqembu amakhulu ayingxenye yohulumeni wokubambisana osanda kwakhiwa.
I-IFP ifuna ukuhlalisa phansi abaholi be-ANC nabeDA ukuze kuxazululwe izinkinga ezifufusayo kuhulumeni wobumbano owakhiwe amaqembu ayisikhombisa.
I-ANC neDA bathola izihlalo eziningi okhethweni, njengoba i-ANC izihola phambili, ilandelwe iDA.
Abaholi be-ANC nabeDA abavumelani ngokujoyina kwePA, iDA ikhala ngokuthi i-ANC ayizange ibonisane nabo ngaphambi kokuthi ivumele iPA ukuba ijoyine.
Ngakolunye uhlangothi i-ANC ithi iDA ayinawo amandla okuvimba amanye amaqembu afuna ukujoyina uhulumeni wokubambisana. I-DA nePA bayinkukhu nempaka, iPA ibikhankasa ngokuthi ifuna ukugudluza iDA eWestern Cape.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bafuna ukuthi kuqedwe ngokushesha ukungaboni ngaso linye.
“Umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, usejuba ithimba ebelisimele ezingxoxweni zokubambisana, eliholwa iphini likamengameli inkosi Mzamo Buthelezi, ukuba lixoxe nabaholi bamaqembu. Sibona kunesidingo sokuthi kube nomhlangano, ukuze sixazulule izinkinga. Njengoba siyingxenye yohulumeni wobumbano, sizibophezele ekwenzeni isiqiniseko sokuthi sixazulula zonke izinkinga ukuze sizokwazi ukuyisa phambili izwe lethu,” kuchaza uHlengwa.
Ukudonsisana phakathi kwabaholi be-ANC neDA sekwenze ukuthi kube khona ababona sengathi uhulumeni wobumbano uzohlakazeka.
Kepha uHlengwa uthe lesi yisiwombe nje esidlulayo.
“Lezi ezinye nje zezinkinga eziyaye zibe khona uma ingane iqale ukukhasa. Uhulumeni wokusebenzisana wakhiwe amaqembu amaningi. Into ebalulekile ukuthi kuhlalwe phansi kuxoxwe uma kunokwahlukana kwemibono. Kufanele ekugcineni sikwazi ukukhuluma ngezwi elilodwa.”
UHlengwa uthe bayazi ukuthi kule minyaka emihlanu abazobusa kuyo ngokubambisana kuzokuba nezinkinga ezinkulu ezizoqhamuka.
“Into nje ezobaluleka ukuthi sihlale sibonisana, sivumelana ngalokho okuzoyisa izwe phambili.”
Amanye amaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana iGood, nePAC. Izolo, lamaqembu ajoyinwe yiFF Plus.
Umholi weFF Plus, uDkt Pieter Groenewald, uthe bajoyine uhulumeni wobumbano ngoba banesifiso sokwakha kabusha iNingizimu Afrika.
“Inkulumo eyethulwe umengameli (uCyril Ramaphosa) ngesikhathi egcotshwa ihambe emazwini esiwasho ngesikhathi sikhankasela ukhetho. Njengeqembu sizibophezele ekuletheni uzinzo ezweni.”