I-DA isiqinisekise ukuthi izolubangisa eLuthuli House, eGoli, ngesonto elizayo, ukuyomashela ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Lokhu kuza emva kokuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, zifuna ngodli izimpendulo kwi-ANC mayelana nenkinga yokucishwakonga kukagesi ngenhloso yokuwonga okuqhubekayo.
Njengamanje, uhlelo lokucishwakonga kukagesi kuhleli esigabeni sesithupha nokuyinto ecasule izakhamuzi eziningi.
Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe bahlela ukumasha ngoLwesithathu, oluzayo.
“I-DA ingakuqinisekisa ukuthi ihlela ukuthi kube nokhukhulelangoqo wemashi elubangise kwikomkhulu le-ANC, iLuthuli House, eGoli, ngoJanuwari 25. Inhloso yemashi ukuyokhalaza ngokuhluleka kwe-ANC osekuholele ekutheni sizithole sibhekene nale nhlekelele,” kusho uSteenhuisen.
Uthe bamema zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi zibajoyine kule mashi ukuze zizwakalise ilaka lazo nazo kuhulumeni obusayo ngokushaya indiva udaba lokunakekelwa kwengqalasizinda yokuphehlwa kwamandla.
Uthe lesi simo esiqhubekayo njengamanje sishaya kuzwele emnothweni wezwe ngaakho bayofuna ngodli izixazululo kuhulumeni obusayo.
Uthe into edala ukuthi bamashele i-ANC ukuthi ibambe elikhulu iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi le nhlekelele ilokhu iqhubeke njalo nokuphilisa lubhojozi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ngokwenza izithembiso ezingezinamehluko ukwenza ngcono isimo.
“I-DA izoqonda ngqo iLuthuli House ngoba iyona ndawo lapho i-ANC iqhubeka khona nokwenza ubugebengu bayo obubhekiswe kubantu baseNingizimu Afrika njengoba izwe libhekene nengwadla yokucishwakonga kukagesi okusesigabeni sesithupha kwaphinde kwanyuswa amanani kagesi ngo-18.65%,” kusho yena.
Uthe lokhu bakusho ngoba iLuthuli House iyona ndawo lapho i-ANC ibithatha khona izinqumo zokuqasha abantu abakhohlakele eminyakeni engu-30 edlule, abayibulale bayiqeda nya inkampani ephehla ugesi, i-Eskom,” kusho yena.
“IseLuthuli House lapho okukhishwe khona amathenda enkohlakalo okukhona kuwo nalelo lokwakhiwa kwesiphehli sikagesi iMedupi neKusile ezidle izwe lethu imali ebomvu,” kusho uSteenhuisen.
Uthe ukunikwa kwabathile umsebenzi ngokwazana yikho okuholele ekutheni kube nale nhlekelele isivele yabayimbi kakhulu eminyakeni emihlanu edlule ngaphansi kobuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa.
Khonamanjalo: Ezinkundleni zokuxhumana izakhamuzi zaseNingizimu Afrika nazo azizibekile phansi, zihlongoza enye imashi, okuthiwa kufanele ilibangise ezindlini zombuso, nayo ezobe ikhala ngokufanayo.