INKAMPANI ekhiqiza ukudla, i-Univeler, ibadonse ngendlebe abantu baseNingizimu Afrika yathi ababuyisele ezitolo iKnorr Brown Onion Gravy njengoba ithole ukuthi ine-Knorr Professional Brown Sauce Base.
Lokhu kusho ukuthi leli sobho linezithako ezingabhaliwe phansi okubalwa kuzo ubisi lwenkomo (cows milk) ne-soy.
Amasobho abuyiselwa ezitolo yilawo abhalwe Knorr Brown Onion Gravy abhalwe BB 11 DEC 2025 KM 4163 E14A noma BB 12 DEC 2025 KM 4164 E14A.
Abantu bacelwe ukuthi bangalidli leli sobho, okungcono balilahle noma balibuyisele esitolo abathenge kuso ukuze babuyiselwe imali yabo.
Esitatimendeni abe-Unilever bathe labo abangazwani nobisi lwenkomo noma i-soy bangaba nokuthikamezeka kwezempilo kanti kuyacelwa ukuthi bavakashele udokotela noma baye emtholampilo.
Uma bebe nezinkinga kufanele bathinte i-Unilever SA ngokushayela iConsumer Careline ku-0860 331 441 noma bathumele uWhatsApp kwi-Consumer Engagement Centre ku +27 67 429 7040.
“Siyinkampani ekholwa wukuthi ukudla kufanele kunambitheke, kube nempilo futhi kube mnandi emakhasimendeni ethu. Ngesikhathi sithola ukuthi kunezithako ezingabhaliwe phansi kulo mkhiqizo, sinqume ukushesha sisilungise isimo. Sizibophezele ukuthi izinga lomkhiqizo lihlale liphezulu ukuze amakhasimende ethu ajabulele ukudla okumnandi, akuthembayo. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okuzodalwa yilesi simo, siyabonga ngokusibekezelela nokuseseka,” kusho uNksz Janine Van Rooyen, wakwa-Unilever, oyiNutrition Lead Southern Africa.