OWAYENGUMENGAMELI uMnuz Jacob Zuma, uhoxe ngemizuzu yokugcina emcimbini weMK, maqede waveza ukuthi uzwe kuthiwa bese kushiswe izinkukhu ezimnyama lapho ebekhona.
Nakuba uZuma eqale wakhala ngokuthi ubanjwe isimo esivele emndenini ukuthi angayi emcimbini obuseGamalakhe, ukuvezile ukuthi uzwile ukuthi kunemigilingwane eyenziwe lapho obekufanele abe khona.
UZuma uthe ujike endleleni ebheke kulo mcimbi obusesikhungweni Ugu Sports and Leisure Centre ngoMgqibelo. Lokhu ukusho enkulumweni eqoshiwe ethunyelelwe abezindaba.
Yize amalungu eMK ebephume ngezinkani kulo mcimbi, uZuma akazange alubhade.
UZuma akafunanga ukudalula imininingwane ephelele ngokuhoxa kwakhe emcimbini, kepha ukuvezile ukuthi uzwile ukuthi kunemigilingwane egilwe endaweni obekubanjwe kuyo umcimbi.
“Ngelinye ilanga ngiyoxoxa ukuthi yini le ebangela ukuthi kube khona isigigaba sokuthi ngize ngingezi.
“Ngizwile okuningana ukuthi lapho ebengizokuba khona bese kushiswe ngisho izinkukhu ezimnyama, kwenziwa konke. Lokhu siyobuye sikuxoxe ngelinye ilanga.
“Yebo kubuhlungu ukuthi angikwazanga ukuba nani lapho, kodwa bakhona abafowethu lapho. Ngiyathemba ukuthi umcimbi wenu uhambe kahle,” kusho uZuma.
Udalule ukuthi ubezimisele ukutshela abantu abebehambele umcimbi wangoMgqibelo ukuthi i-MK izoyiqeda inhlupheko uma benqoba ukhetho ngokuthi yakhe izimboni.
“Lokhu kuzoqeda ukuthi kube nabantu abangayitholi imisebenzi. uma sekuphethe thina ngoba ayikho ingane engezokufunda.
“Uhulumeni kuzofuneka awuthwale umthwalo wokuthi yonke ingane ezalelwe lapha, noma ngabe iyintandane, noma kuyahlushekwa lapho izalwa khona, ingancishwa imfundo ngenxa yokuthi ayinabo abazali noma kuyahlushekwa lapho izalwa khona," kugcizelela uMsholozi.
UZuma uthe bafuna ukukhuphula isibonelelo sezaguga qahubeka wathi: “Embonweni wethu esisawuxoxa, esithemba ukuthi nizowuvuma, sifuna ukuthi ugogo ngayedwa athole imali elinganiselwa kuR5 000 ukuze akwazi ukuphila kahle, ondle isizukulwane sakhe sonke.”
Uthe bafuna ukuthi izwe liphathwe amakhosi kanti masekusondele ukhetho bazokuya nawo.
“Siyokube sesiyokusho okokugcina ukuthi ayihlome. Ayihlomeli impi, kodwa ihlomela ukhetho. Isikhali sethu esinaso manje ukhetho,” esho.
Uphinde wasebenzisa inkulumo yakhe ukuxwayisa abaholi beqembu abenza okuthandwa yibo.
Selokhu kwasungulwa i-MK, baningi abaholi asebedliwe yizembe. Mumva le nhlangano ikhombe indlela obeyididiyela KwaZulu-Natal uMnuz Nhlanhla Ngidi.
UZuma uthe bazovuna abakutshalile abazophambana nomthetho.
“Abafuna ukuganga eqenjini abakuyeke lokho, abazi ukuthi siyobaphupha ngisho ebusuku silele,” kuxwayisa uMsholozi.