ABEHLOME ezingovolo amaphoyisa abephelezela ithimba eliqoqa intela ebeliyovundulula ubufakazi bokungakhokhwa kwentela emzini kamacaphunakusale waseThekwini, uNksz Shauwn “MaMkhize” Mkhize okuvela ukuthi ukweleta intela kaR37 million.
Izolo ithimba leSouth African Revenue Service (Sars) ligasele emzini kaMaMkhize oseLa Lucia, eThekwini, namaphoyisa ahamba ngamaveni, ahamba ngeloli eliqapha imibhikisho nezinye izimo zodlame abefake amajazi okuvikela izinhlamvu, egqoke amabharethi ephethe nezinhlokohlela zezibhamu.
Lawa maphoyisa abeqaphe ithimba lakwaSars ebelingena ngaphakathi livumbuke namafayela abefakwe ezikhwameni eziluhlaza okwesibhakabhaka nakuma-suitcase. Kufike nezinkampani zomavulakuvaliwe ebezizolekelela ukuze zivule lapho bekukhiywe khona. Emuva kwaleli thimba abakwaSars bebengena bengenile babuye nemiqingo yamaphepha.
Lowo owayengumyeni kaMaMkhize, uMnuz Sbu Mpisane ubonakale ngasophikweni lwakhe lomuzi, wasondela emaphoyiseni wakhuluma nawo kancane wabuyela ngaphakathi. Ubuye wabonakala eshaya isiphuzo esibandayo kodwa ngesikhathi amakhamera esebheka ngakuye, wabuyela ngaphakathi. Uhlale ngaphakathi aze ahamba amaphoyisa.
Isolezwe lithole ukuthi ithimba lakwaSars beliqoqa ubufakazi kuyo yonke imizi kaNksz Mkhize kusukela koseThekwini, oseGoli nosepulazini eliseMgungundlovu.
Akusikona okokuqala uNksz Mkhize ebhekana nezinkinga zokukhokha intela ngoba ngo-2020 kwavela ukuthi inkampani yakhe iZikhulise Cleaning Maintenance and Transport, ikweleta intela kaR204 million.
Izolo abantu akade behamba emgwaqweni odlula ngakwaMaMkhize bebethatha izithombe namavidiyo bebuza ukuthi kwenzakalani, abanye bebehleka uma bebona amaphoyisa kanti abanye iningi labo abamhlophe bebenikina amakhanda.
UKhomishana weSARS uMnuz Edward Kieswetter, uthe bagasele kwaNksz Mkhize ngoba belwa nababalekela ukukhokha intela nobugebengu ezweni.
Uthe inkantolo ibanike igunya lokuphenya bashaqe nempahla belandela umthetho we-Tax Administration Act 28 ka-2011, begxile esigabeni 163.
“ISars izoqhubeka nokwenza umsebenzi wayo ngaphandle kokusaba nokwenzelela kungakhathaleki ukuthi umuntu unasiphi isikhundla emphakathini. Akekho umuntu ongaphezu komthetho. Umsebenzi wanamhlanje uyakhombisa ukuthi akukho okuzosivimba ukuba senze umsebenzi wethu wokuqoqa intela esiza abampofu, ilwe nendlala nokusweleka komsebenzi.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMaMkhize ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belungangeni kanti olomuntu omkhulumelayo uNksz Nikiwe Nyembe, belukhala lungabanjwa.