YIZE bengabesifazane abathandana bengabobulili obufanayo kodwa emshadweni wabo ngeke bayilahle inqubo yesiko.
Bazoshada ngokwesintu futhi bayilandele yonke imigudu elandelwayo uma kugcagcwa ngokwesintu.
UNomsa Buthelezi ongumlingisi nomethuli wezinhlelo zethelevishini uzoshada ngokwesintu maduze nje nesithandwa sakhe saseMnambithi uZandile Shezi.
Edalulela leli phephandaba ngezinhlelo zalo mshado, uNomsa uthe yonke into isiphothuliwe ngezinhlelo zomshado nosuku selukhona kodwa ngenxa yezizathu ezithile, ubengakathandi ukuludalula.
UZOQALA ngomshado wesintu uNomsa Buthelezi ozoshada noZandile Shezi Isithombe:W24
“Lukhona uvalo lokuthi senza umcimbi omkhulu kodwa mayelana nokunye angikhathazekile kakhulu. Siyalazi uhlobo lomshado esiwufunayo futhi sizalwa yimindeni eligcinayo usiko. Yingakho sibone ukuthi siqale ngomshado wesintu, emuva kokuthi eqedele amalobolo uZandile. Imindeni yethu ibambisene futhi iyaseseka, ivumelene nangokuthi abaseMnambithi beze eGoli. Konke kuzokwenziwa khona.
“Kuzoqala umembeso kuqala, ngabele abantu basemzini ngaphambi kokuthi kuqhubeke ezinye izinto,” kusho uNomsa ezwakala ejabule.
Eqhuba uNomsa uthe njengabo bonke omakoti naye unendlela afuna ukubukeka ngayo ngosuku lwakhe lomshado.
Ukuhlala egqokisa omakoti kwi-Our Perfect Wedding kumenze waba nezindlela eziningi afuna ukubukeka ngazo.
“Ngizokhipha unyawo, ngizolokhu ngigqoka ngikhumula. Ngizoshintsha kathathu. Ingubo yokuqala ngqa engizongena ngayo ngiyithungelwa uMamsie Mkhwanazi we-Afrolicious eThekwini. Bese ngiphinde ngishintsha kabili ngihlobe nangobuhlalu, kunabantu abangisizayo abazi kangcono ngemfashini,” kusho uNomsa.
I-Africa Fashion House egabe ngezingubo zezishweshwe zamazwe ahlukene nayo uyibalulile kubantu abazomgqokisa.
Izinhlelo zalezi zithandani azigcini ngalo mcimbi kuphela kodwa nangonyaka ozayo kulindeleke nesinye isiphihli somshado omhlophe.
UNomsa uthe ucela ukungaphawuli agxile kuwo ngoba akukho abasakuhlelile ngawo.
“Uzoba khona nomshado omhlophe kodwa ngonyaka ozayo, yingakho ngingafuni ukukhuluma kakhulu ngawo. Kodwa imndeni yethu iyazi ukuthi uzoba seMnambithi, ngithanda nokuthi ngizokwazi nokuba sendaweni enhle enezintaba ezinhle.
“Angeke ube yimfihlo yize sifisa kube into encane yethu nabangani nezihlobo kodwa ngeke sibanqabele abantu abathanda ukuza. Njengamanje sizokhipha izimemo zomshado, okunye sobe sesibona uma kuqala unyaka ozayo,” kusho uNomsa.