UMASIPALA weTheku uthi bazojeza labo abavele bachame okanye bazikhulule ezindaweni ezingafanele.
Usho kanje ngenxa yokwanda kwabantu abavele bechame esidlangalaleni, bayeke ukungena emathoyilethi. Abanye abayinkathazo abalahla itshe lentaba emakhoneni nalabo abadacaza udoti noma ikephi.
Njengoba iTheku linezindawo ezithaphukayo okulenza liphenduke isithuvi ngenxa yobudedengu babantu abangamanuku, umasipala uzophoqelela ukusebenza kwemithetho elawula ukuziphatha edolobheni.
Ukungcola kweTheku kwenza idolobha lehlelwe yisithunzi okunomthelela ekutheni abavakashi nabatshalimali bahambele kude okwelanga lasebusika.
Okhulumela uMasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana, uthe abazotholwa benza okuphambene nomthetho edolobheni bazoyikhotha imbenge yomile.
"Otholakala enecala lokuchama noma ukuzikhulula endaweni yomphakathi, ngaphandle kwasezindaweni ezibekiwe uzohlawuliswa u-R500," kusho uNkk Sisilana.
Umasipala uphinde waphonsela inselelo umphakathi ukuba uqinisekise ukuthi uyayilandela imithetho ukuze idolobha lihlale lihlanzekile ngaso sonke isikhathi.
Umthetho kamasipala wezindawo zomphakathi nokuziphatha wango-2015 ukubeka obala ukuthi noma yimuphi umuntu olahlwe yicala ngaphansi kwawo angahlawuliswa imali efinyelela ku-R40 000 noma ukugqunywa ejele isikhathi esingeqile eminyakeni emibili, noma kube inhlawulo kanye nokuboshwa.