BAHLONGOZA ukufaka isikhalazo esisemthethweni kumaphoyisa ahlanganisa ubufakazi bokusebenza kwamaselula abameli babamangalelwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe ummeli kammangalelwa wesithathu, uMthobisi Ncube, u-Advocate Charles Mnisi izolo ngesikhathi ephosa ngemibuzo ufakazi woMbuso oyisikhulu sakwaVodacom, uNksz Pinky Vythilingam.
Lesi sexwayiso size ngesikhathi uMnisi ephikisana ngamazwi noNksz Vythilingam.
Umsindo ususwe wubufakazi benombolo okuthiwa yayisetshenziswa uKelly Khumalo naleyo eyayisetshenziswa ummangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli.
UMnisi ubalule ukuthi ngesikhathi behlaziya ulwazi oluyamaniswa nalezi zinombolo olukwifomethi ye-Excel kuveza ukuthi lezi zinombolo zashayelana izingcingo ngaphambi kokubulawa kukaMeyiwa kanjalo nangemumva kokubulawa kwakhe.
Kugcine kuvela ukuthi ulwazi uMnisi afunda kulo kulwifomethi ye-Excel ekubeni ufakazi yena ethi alulethe phambi kwenkantolo lukwifomethi ye-PDF nokwenza angakwazi ukuphendula lutho ngalolu olushiwo uMnisi ngoba akalwazi.
Ukuxhumana phakathi kukaKelly noKhumalo kwaqala ukuvela ebufakazini bukaColonel Lambert Steyn, onguchwepheshe wezamaselula emaphoyiseni nyakenye.
UNksz Vithilingam uthe yena kolwabo ulwazi akukho lapho okuvela khona lobu bufakazi uMnisi abushoyo.
Ubuze ufakazi ukuthi uma sekukhulunywa iqiniso, ngokolwazi lwamaselula, ike yenzeke yini into efana nale.
“Akuze kungenzeka ukuthi kubekhona ukusebenza kwezingcingo okungaveli kwi-system yethu,” kuphendula ufakazi.
Uthe uzokusho angahlonizi ukuthi lolu lwazi alutomulile lunenhlese yokukhwabanisa ngoba alufani nolwazi olwahlanganiswa wufakazi okubeke kwacaca ukuthi ulwazi lwamaselula baluqapha ngeso lokhozi enkampanini yabo.
“Noma ukukhwabanisa kwenziwa, angazi kodwa kulezi zinsuku esiphila kuzo, kungenzeka noma yini. Okwesibili, inhloso yalolu lwazi (olungaqondakali), ukukhanda icala elingekho ngommangalelwa wesihlanu, kube sengathi kwakukhona ukuxhumana phakathi kwakhe nenombolo okuthiwa eKelly Khumalo,” kusho uMnisi.
Uqhube wathi lokhu kuwumzamo nje woMbuso ukuthi uKelly Khumalo waba nokuxhumana nommangalelwa.
“Okokugcina, siyalelwe (abamangalelwa) ukuthi sifake isikhalazo esisemthethweni ngalabo abahlanganisa lolu lwazi,” kusho uMnisi.
Uthe leso sikhalazo sizobe simayelana nokukhwabanisa nokuzama ukunqinda amandla ingalo yomthetho ngoba lolu lwazi ludukisa inkantolo.
Icala liyaqhubeka namuhla.