UTHUKUTHELE ugane unwabu umphakathi wakwa-D KwaMashu, ngesigameko somfundisi webandla lamaZayoni ophinde abe umelaphi, okuthiwa udlwengule indodakazi (18), kadadewabo kankosikazi wakhe.
Kuthiwa ithumbu liqhumbuke ngoMgqibelo ngemuva kokuthi umgilwa (esigodle igama lakhe) ebikele elinye lamalungu omndeni ngesigameko.
Umfundisi (51), ovele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma, uphume ngebheyili ngoLwesine. Kubikwa ukuthi sekuneminyaka emithathu umgilwa ehlala nomndeni, kanti isigameko sokudlwengulwa kwakhe bekungesona esokuqala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala, uthe: “Amaphoyisa abophe umsolwa ngeledlule ngemuva kokuthi abikelwe ngecala lokudlwengula. Umsolwa (51) ukhishwe iNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngebheyili.”
Umthombo wephephandaba uthe, sishubile isimo endaweni kanti omakhelwane bahlongoza ukubhikisha eNkantolo yaseNtuzuma, uma kuvela umsolwa.
"Lesi sigameko sicasule wonke umuntu emphakathini. Okwenza bacasuke kakhulu wukuthi le ndoda ibicasha ngezwi likaNkulunkulu ngokuzenza umfundisi. Okunyanyisa kakhulu ukuthi ubenesibindi sokugila lomhlola esigodlweni alaphela kuso. Kusobala ukuthi lomuntu kade aqala ukuba yilo sathane awuye," kubhoka umthombo.
Eqhuba uthe, inkinga enkulu ukuthi umndeni uqale wayikhulumela phansi indaba.
“Sesikhululeke sonke ngoba udaba selubhebhetheke ilokishi lonke. Sibonga nabezindaba abayithathe bayisabalalisa umhlaba wonke. Abantu abafana nalo (umsolwa) akumele banabukeliswe kumbe kufihlwe imigilingwane abayenzayo emphakathini ekubeni becasha ngezwi leNkosi," kusho umthombo.
Imizamo yokuthola umgilwa ayiphumelelanga ngoba ubelokhu etshela intatheli ukuthi ayibuye imfonele. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphefumuli ngodaba.
Unina wakhe (esigodle igama lakhe), uthe akakwazi ukudadula lutho engavumelene nendodakazi yakhe mayelana nokukhuluma nabezindaba.
UNgqongqoshe woMnyango wokuThuthuswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Hlengiwe Khoza, uthe siyadumaza isigameko futhi kuyamkhathaza ukuhlukunyezwa kwabesifazane ngabantu okumele ngabe bayabavikela.
“Abantu abaphula amalungelo abesifazane kumele baqhelelaniswe namasonto ukuze kungabi lula kubo ukusondela eduze kwezingane. Kusobala ukuthi umsolwa uqinele ingane (umgilwa) ngoba ibihlala naye nomama omncane wayo ashade naye,” kusho ungqongqoshe.