IZINKINGA phezu kwezinye kuMasipala weTheku njengoba abasebenzi bevale imigwaqo ngengqumbi yenhlabathi eSiphingo, eMlaza nakwezinye indawo kwaphoqeleka ukuthi izimoto zijike.
Ngenxa yalesi siteleka umasipala izolo ntambama ukhiphe isitatimende unxusa izakhamuzi ukuba zingawukhiphi udoti ngoba kunokuphazamiseka kokuqoqwa kwawo okudalwe isiteleka abathi asigunyaziwe.
Isiteleka kuthiwa siphazamise nokushanelwa kwemigwaqo.
Abasebenzi bateleka nje umasipala umatasa nokulungisa izinkinga zamanzi eNyakatho yeTheku kwazise izolo abengekho.
Inkinga yamanzi isijwayelekile eThekwini njengoba evamise ukuphela ezindaweni eziningi, kukhalwe ngamaphampu afile nengqalasizinda endala. Emasontweni adlule izakhamuzi zasePhoenix bezivuka zivale imigwaqo ngenxa yokungabi namanzi selokhu ingqalasizinda yakhona yakhahlanyezwa yizikhukhula.
Ezinye izakhamuzi zeTheku zikhala ngesikweletu samanzi esingaphezu kwamandla njengoba umasipala waveza ukuthi ubezigixabeza ngamanzi ebezingafanele ukuba ziwathole.
Kuyimanje inkinga yesikweletu samanzi ayikalungiswa sekucelwe nezakhamuzi ukuba zivakashele eSizakala ukuze ziyokwenza isivumelwano sokukhokha kancane kancane. Ezinye izakhamuzi zikhala ngokuxathuka kweTheku nokucanasa kwamaphara abamba inkunzi.
Ngenxa yalezi zinkinga amaqembu ezepolitiki eMkhandlwini weTheku asefake iziphakamiso zokungabethembi ubuholi beMeya uMnuz Mxolisi Kaunda. Abanye abantu baseThekwini bakhala ngemigwaqo engalungisiwe.
Izolo abasebenzi abatelekile babuye bavala izikhungo zikaSizakala ngamatshe, izingodo namathayi avuthayo. Bakhala ngamaholo angalingani nawabanye komasipala abakhulu.
UMnuz Xolani Dube onguNobhala weSouth African Municipal Workers Union (Samwu) eThekwini, uthe abasebenzi batelekele ukuthi amaholo abo awafani nawozakwabo abasebenza komasipala abakhulu.
“Abasebenzi bafuna ukuholelwa imali efanayo neyozakwabo abasebenza komasipala abakhulu. Njengamanje imali yabo ingaphansi ngo-R3 000 uma iqhathaniswa namaholo abasebenzi bakaMasipala waseTshwane, Ekurhuleni naseGoli. Kudala beyikhuluma le ndaba, sekuphele iminyaka engaphezu kwesishiyagalombili,” kusho uDube.
Uthe uMasipala weTheku ukleliswe esigabeni sesishiyagalombili somasipala kodwa abanye omasipala abakhulu bakleliswe esigabeni 10.
Lokhu uthi kwenza abasebenzi baseThekwini bahole imali encane uma beqhathaniswa nozakwabo bakwabanye omasipala abakhulu.
Isolezwe limshayele esazoya emhlanganweni nomasipala kodwa uthe okwamanje abasebenzi bafuna kulalelwe izimfuno zabo.
UNkk Gugu Sisilana oyiMenenja yezokuxhumana kuMasipala weTheku, uthe bayazi ngesiteleka esingekho semthethweni esiqalwe ngabanye abasebenzi babo.
Uthe izinhlaka zomthetho zisiqaphile isimo ngoba kubasebenzi abawu-27 000 abaqashwe wumasipala bawu-500 abaqale isiteleka esingekho emthethweni.
Uveze ukuthi bekunomhlangano wamahora amabili weSamwu obungoLwesibili.
Uthe abatelekile ngeke baziholele izinsuku akade bengasebenzi ngazo bebhikisha.
Ubuye wathi abaqale isiteleka esingekho emthethweni bazoqondiswa ubugwegwe ngoba izikhalo kufanele zithunyelwe ngendlela efanele.
Ugqugquzele abaholi bezinyunyana zabasebenzi ukuba bakhulume namalungu abo ukuze kulandelwe umthetho ngaso sonke isikhathi.
Ikhansela leDA eThekwini, uMnuz Andre Beetge lithe isiteleka asenzeki enkabeni yeTheku naseSiphingo kuphela kodwa siyaqhubeka eVerulam, oThongathi nakwezinye izindawo.
Ucele abantu ukuthi badlalele kude nabasebenzi abatelekile.